Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMasipala ukhathazwa wukuphenduka inxiwa kwenkundla iHarry Gwala

UMasipala ukhathazwa wukuphenduka inxiwa kwenkundla iHarry Gwala

by | 29 May 2025

UMASIPALA waseMsunduzi uzwakalise ukukhathazeka ngokuphenduka inxiwa kwenkundla yezemidlalo iHarry Gwala Stadium kulandela ukuphela ngeqembu lebhola likanobhutshuzwayo iRoyal AM ebithola uxhaso kulo masipala ngokudlala imidlalo yayo yasekhaya kule nkundla eqanjwe ngeqhawe lomzabalazo. Lo masipala waba sematheni ngesikhathi umemezela uxhaso luka-R9 million lweminyaka emithathu neRoyal AM. Leli qembu ligcine lidlala isizini eyodwa kule nkundla, kwaba sekuqala izinkinga ngomnikazi walo uShawn MaMkhize. Ukukhishwa kwaleli qembu kusho ukuphela kwalolu xhaso njengoba isivumelwano besithi lizothola uxhaso luka-R3 million isizini ngayinye.


UMnu Mzimkhulu Thebola oyiMeya yalo masipala utshele leli phephandaba ukuthi asikho isivumelwano umasipala namanye amaqembu ebhola likanobhutshuzwayo. Uthe ukuphela kweqembu likaMaMkhize kusho ukuphela kwesivumelwano. Lo masipala ulungiselela ukwethula ibhajethi yonyaka wezimali 2025/2026 kanti uThebola uthe ayikho ibhajethi abazoyihlela ethinta ukuxhasa iqembu likanobhutshuzwayo elizodlala kule nkundla.

Kuzokhumbuleka ukuthi le nkundla yabe isetshenziswa iqembu iMariztburg United ngaphambi kokuba idliwe izembe esigabeni esiphezulu sebhola likanobhutshuzwayo. Leli qembu lagcina likhishwa kule nkundla kwaba sekungena iRoyal AM. Lokhu kwaholela ekutheni iMaritzburg United ifudukele eThekwini njengoba igcine isishintsha igama yabizwa ngeDurban City. Sekuyindaba esegudwini ukuthi iDurban City isiyabuyela esigabeni esiphezulu sebhola likanobhutshuzwayo kanti akucaci ukuthi kungabe izobuyela yini kule nkundla eyabe iyisebenzisa phambilini. UThebola uthe okwamanje azikho izingxoxo ezikhona namaqembu ebhola likanobhutshuzwayo ngale nkundla. “Ngeke kube yithina esizoya emaqenjini kodwa sizivulile izandla uma kuneqembu elizimisele ukusebenzisa inkundla yethu,” kusho uThebola ekuveza ukuthi kungaba buhlungu uma le nkundla igcina ingakutholi ukusetshenziswa.

“Ukusetshenziwa kwale nkundla kudlala indima emqoka kwezokuvakasha, ukwakha amathuba emisebenzi nokuthuthukisa omnotho, ngakho kungasikhathaza uma ingase iphenduke inxiwa elinganakiwe,” kusho imeya. Uthe bewumasipala bazoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi bayakukhuthalela ukuqoqa imali yezidingo ezilethwa umasipala ebantwini ukuze bakwazi ukuzisabalalisa ngendlela efanele kubantu. Ngakolunye uhlangothi iDA iveze ukuthi isiphakamiso sebhajethi yalo masipala asibabeki abanti abangaphansi kwawo phambili. Ikhansela laleli qembu kulo masipala uRoss Strachan uthe ibhajethi yalo nyaka kumele igxile esabalaliseni amanzi, ukuqinisekisa ukuba khona kukagesi ngaphandle kokuphazamisela, ukuqoqwa kwemfucuza, ukuqinisekisa ukuthi imigwaqo iyalungiswa nokuba sesimweni esikahle sezezimali.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...