Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Inkantolo ilahle uMalema ngenkulumo ‘enenhlabathi’

Inkantolo ilahle uMalema ngenkulumo ‘enenhlabathi’

by | 27 August 2025

INKANTOLO yezokuLingana (Equality Court) imthole enecala umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Julius Malema, ngokwethula inkulumo enenzondo nohlevane.

UMalema wakhuluma eralini yeqembu lakhe ngoMfumfu (October) ka-2022, wathi abantu “mabangesabi ukubulala”.

Lokhu kwathathwa ngokuthi wayesho ngenxa yengxabano ayenayo nomlungu mumbe. Akaqali ukuba senkingeni ngezinkulumo ezifuze lezi uMalema njengoba wake wagxekwa kakhulu ngokucula iculo elithi “Dubula iBhunu”.

UMengameli weMelika, uMnu Donald Trump, ngesikhathi ehlangene noMengameli Cyril Ramaphosa, wambuza ukuthi akamubophi ngani uMalema ngalezi zinkulumo azenzayo “ezinenzondo futhi ezisusa uhlevane”. Izindaba zokulahlwa kukaMalema yicala zisabalale namuhla ngoLwesithathu ntambama.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...