Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Inkantolo ilahle uMalema ngenkulumo ‘enenhlabathi’

Inkantolo ilahle uMalema ngenkulumo ‘enenhlabathi’

by | 27 August 2025

INKANTOLO yezokuLingana (Equality Court) imthole enecala umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Julius Malema, ngokwethula inkulumo enenzondo nohlevane.

UMalema wakhuluma eralini yeqembu lakhe ngoMfumfu (October) ka-2022, wathi abantu “mabangesabi ukubulala”.

Lokhu kwathathwa ngokuthi wayesho ngenxa yengxabano ayenayo nomlungu mumbe. Akaqali ukuba senkingeni ngezinkulumo ezifuze lezi uMalema njengoba wake wagxekwa kakhulu ngokucula iculo elithi “Dubula iBhunu”.

UMengameli weMelika, uMnu Donald Trump, ngesikhathi ehlangene noMengameli Cyril Ramaphosa, wambuza ukuthi akamubophi ngani uMalema ngalezi zinkulumo azenzayo “ezinenzondo futhi ezisusa uhlevane”. Izindaba zokulahlwa kukaMalema yicala zisabalale namuhla ngoLwesithathu ntambama.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...