Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zimkhalele umsolwa obethukuse izibhamu ezimotweni zakhe

Zimkhalele umsolwa obethukuse izibhamu ezimotweni zakhe

by | 28 January 2025

UKHALELWE ngamasongo kaSgonyela owesilisa oneminyaka ewu-26 ubudala kulandela ukuba ebanjwe nezibhamu, iziqhumane nezinhlamvu ezahlukene zezinhlobo zezibhamu.

Amaphoyisa aKwaZulu Natal aveze ukuthi lo msolwa oboshwe ngoLwesibili ntambama eWestham Drive ePhoenix ubanjwe nezibhamu eziwu-8, iziqhumane eziwu-5 nenqwaba yezinhlamvu.

Okhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe uColonel Robert Netshiunda uthe ozakwabo bophiko lweProvincial Organised Crime and Provincial Drugs and Fiream Unit alunywe indlebe ngomsolwa obegcine izibhamu ezimotweni zakhe.

Uthe ngesikhathi amaphoyisa emthelekela amfice ephethe isibhamu nezidakamizwa.

“Ngesikhathi amaphoyisa eqhubeka ephenya epequlula abe esethola izibhamu,” kusho uNetshiunda.

Uveze ukuthi esinye sezibhamu ezitholakale kulo msolwa ngesamaphoyisa njengoba kuphinde kwatholakala nezinhlamvu zamaphoyisa.

Uqhube ngokuthi uphenyo liyaqhubeka ngomsolwa ukuthola ukuthi awekho yini amaphoyisa asebenzisana nawo futhi alikho yini iphoyisa elabualwa ngesihluku ukuze kutholakale lezi zibhamu nezinhlamvu.

UNetshiunda uthi umsolwa usolwa ngokuba yingxenye yezigebenzi ezithinteka ebugebengwini obuphathelene nezidakamizwa.

Uphenyo luyaqhubeka njengoba umsolwa kulindeleke ukuba avele maduze enkantolo.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...