Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zimkhalele umsolwa obethukuse izibhamu ezimotweni zakhe

Zimkhalele umsolwa obethukuse izibhamu ezimotweni zakhe

by | 28 January 2025

UKHALELWE ngamasongo kaSgonyela owesilisa oneminyaka ewu-26 ubudala kulandela ukuba ebanjwe nezibhamu, iziqhumane nezinhlamvu ezahlukene zezinhlobo zezibhamu.

Amaphoyisa aKwaZulu Natal aveze ukuthi lo msolwa oboshwe ngoLwesibili ntambama eWestham Drive ePhoenix ubanjwe nezibhamu eziwu-8, iziqhumane eziwu-5 nenqwaba yezinhlamvu.

Okhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe uColonel Robert Netshiunda uthe ozakwabo bophiko lweProvincial Organised Crime and Provincial Drugs and Fiream Unit alunywe indlebe ngomsolwa obegcine izibhamu ezimotweni zakhe.

Uthe ngesikhathi amaphoyisa emthelekela amfice ephethe isibhamu nezidakamizwa.

“Ngesikhathi amaphoyisa eqhubeka ephenya epequlula abe esethola izibhamu,” kusho uNetshiunda.

Uveze ukuthi esinye sezibhamu ezitholakale kulo msolwa ngesamaphoyisa njengoba kuphinde kwatholakala nezinhlamvu zamaphoyisa.

Uqhube ngokuthi uphenyo liyaqhubeka ngomsolwa ukuthola ukuthi awekho yini amaphoyisa asebenzisana nawo futhi alikho yini iphoyisa elabualwa ngesihluku ukuze kutholakale lezi zibhamu nezinhlamvu.

UNetshiunda uthi umsolwa usolwa ngokuba yingxenye yezigebenzi ezithinteka ebugebengwini obuphathelene nezidakamizwa.

Uphenyo luyaqhubeka njengoba umsolwa kulindeleke ukuba avele maduze enkantolo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...