Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wasunguleka ‘ngenxa yomona ezinkundleni zokuxhumana’ uMakaTha

Wasunguleka ‘ngenxa yomona ezinkundleni zokuxhumana’ uMakaTha

by | 15 February 2026

UTHI wayisunguliswa ukubona “umona” wabantu ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi sokuthweswa kwemiyezane kwezitshudeni zase-UKZN, i-content kaMakaThangithini, uSimthande Myeza.

Lokhu kuvele ngesikhathi leli phephandaba linengxoxo noMyeza (29), odume ngelika- MakaTha, osezakhele udumo ezinkudleni zokuxhumana nakwezokulingisa njengoba elingisa emdlalweni okhonjiswa kwiSABC 1, uZalo.

 USimthande ongowokudabuka kwesaKwaMagwaza, eNkandla, ulandise leli phephandaba ngokwakheka kukaMakaTha, athi waqala ukuvela ezinkundleni zokuxhumana ngo-2022.

“Ngo-2022 ngesikhathi sama-graduations ase-UKZN, kwaduma ezinkudleni zokuxhumana umfana wakwaNgobese, owayegqoke ngendlela engekho ezingeni lokuya kwi-graduation, wafike wakhala esegqokiswa.

“Lo mfana wagcina enikelelwe, watholelwa nomsebenzi. Ezinkudleni zokuxhumana bakhona ababephawula ngezinkulumo ezingezinhle, nezikhombisa umona. Yilapho engenza khona i-video yokuqala, ngizenza umuntu wesifazane wasemakhaya onomona.

“Leyo video yayikhuluma ngawo
ama-graduation, ngenzisa okukamama wasemakhaya onomona ngengane yasendaweni eseyifunde yaphumelela. Ngangijwayele ukwenza ama-video njengoba ngaqala ukuwenza ngesikhathi soKhuvethe kodwa le kaMakaTha, yenza kahle kakhulu.

 “Bakhona ababeyigxeka kodwa abaningi bakhombisa ukuyithakasela,” echaza.

Uthi waqhubeka wenza amanye ama-video ewuMakaTha, akhombisa ukwenza kahle kakhulu ezinkundleni zokuxhumana. Uthi ukwenza kahle kwama-video kwamvulela iminyango eminingi, njengoba aqala ukumenywa emicimbini eminingi yamahlaya.

Utshele leli phephandaba ukuthi okumthokozise kakhulu, ukuvulelwa indawo emdlalweni kamabonakude, uZalo.

 “Ukusabalala kwalesi siqephu kwenza ababhali nabaqondisi boZalo bathathe isinqumo sokungivulela indawo engiyilingisayo yomsizi wasendlini wesifazane,” esho.

Uthi ukulingisa kulo mdlalo kumkhulise kakhulu emkhakheni wezokulingisa, waveza ukuthi unethemba lokukhula kulo mkhakha. ngubo@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...