Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Azoholwa yizethenjwa amaNazaretha eLesotho

Azoholwa yizethenjwa amaNazaretha eLesotho

by | 7 October 2025

AZOHOLWA yithimba labefundisi abayizethenjwa zomholi webandla lamaNazaretha ohlangothi lwaseBuhleni, iNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, amalungu aleli bandla azoba yingxenye yenkonzo eMaseru, eLesotho ngempelasonto.

Kuzoqopheka umlando leli bandla lingenisa inkonzo enkulu okokuqala kuleliya lizwe, ngomhla ka-11 kwephezulu. ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi uNyazilwezulu luqoke abefundisi abayizethenjwa zalo ukuba bahole amalungu ebandla.

Ukuhlelwa kwale nkonzo kwenziwe ngemuva  kokuba kubonakale ukwenyuka kwesibalo sabantu abajoyina ibandla lamaNazaretha kuleliya lizwe.

Okhulumela leli bandla, uMnu Thokozani Mncwabe, uthe ukuhleleka kwale nkonzo, kuyingxenye yokufezeka kwephupho lomholi waleli bandla (ongasekho) iNkosi u-Amos “Nyangayezulu” Shembe, owakhipha isiphrofetho sokuthi leli bandla lizokhula lisabalale nakwamanye amazwe.

“Singamalungu ebandla, siyabuza nje ukuthi kungani lokhu kwenzeke ngesikhathi lapho kuyizinsuku zesikhumbuzo seNkosi AK Shembe. UNyazi luqoke abefundisi ukuba bahambise inkonzo ezothatha izinsuku ezimbili. Ngemuva kwalokho, bazobuya bezokwethula umbiko. Kuzobe sekuhlelwa ukuthi kungene yena umholi wethu uNyazi, ayophothula umsebenzi.

“Akhona amathempeli amaNazaretha eLesotho, kodwa kungokokuqala ukuthi kube nenkonzo enkulu. Kunabantu abakhulu bakuleliya lizwe abaphendukele kuShembe. Sizofika kuleliya lizwe sihlangane nabo, ukuze kuzokwenziwa izinhlelo ezinkulu, okuhlanganisa nokubusiswa kwendawo. Abefundisi abajutshiwe bazofika bakhulekele nezinkinga ezikhungethe uhulumeni, nabantu bakuleliya lizwe,” kusho uMncwabe.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...