Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ISilo sibiza umhlangano wokubuyisana eNdlunkulu

ISilo sibiza umhlangano wokubuyisana eNdlunkulu

by | 9 October 2025

KUNGAKAPHOLI maseko iSilo uMisuzulu kaZwelithini siphume phambili emacaleni ebesibhekene nawo, sesihlabe umkhosi, samema zonke izindlu zobukhosi bukaZulu, amakhanda ezindlu zobukhosi, abaNtwana baseNdlunkulu, abadidiyeli nezinduna zamabutho ukuba bahlangane ngomhla ka-29 kuMfumfu (October) esigodlweni saseMashobeni, oPhongolo.

Inhloso yokuhlangana wukuba kubikelwe isizwe ngempumelelo emuva kohambo olude lwezinkantolo, wukubonisana ngesihlalo sobukhosi bukaZulu, wukwelula isandla soxolo nokubuyisana phakathi kweNdlunkulu kaZulu nesizwe nokukhulekela ubunye kuziNyandezulu ezingabanikazi besihlalo.

Lokhu kuqinisekiswe nguMntwana uThulani Zulu ukuthi impela uyamemeza okaNdaba, uthi isizwe asihlangane esibayeni esikhulu eMashobeni.

ISilo uMisuzulu amacala esiphume phambili kuwona besiphonselwa inselelo ngabafowabo okunguMntwana uSimakade noMntwana uBuzabazi, bekhala ngokuthi uMengameli uMnu Cyril Ramaphosa kwakungafanele anikeze isitifiketi umfowabo (iSilo), avume ukuthi uyiSilo ngokusemthethweni.

Lesi simemezelo seSilo uMisuzulu siza ngemuva kokuba iNkantolo yoKudluliswa kwaMacala yaseBloemfontein ichithe isinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli, yavuna ukuqokwa kweSilo. Umdonsiswano ngesihlalo usuke kukhothama uyise weSilo esibusayo, uMdlokombane, ngonyaka ka 2021.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...