Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ISilo sibiza umhlangano wokubuyisana eNdlunkulu

ISilo sibiza umhlangano wokubuyisana eNdlunkulu

by | 9 October 2025

KUNGAKAPHOLI maseko iSilo uMisuzulu kaZwelithini siphume phambili emacaleni ebesibhekene nawo, sesihlabe umkhosi, samema zonke izindlu zobukhosi bukaZulu, amakhanda ezindlu zobukhosi, abaNtwana baseNdlunkulu, abadidiyeli nezinduna zamabutho ukuba bahlangane ngomhla ka-29 kuMfumfu (October) esigodlweni saseMashobeni, oPhongolo.

Inhloso yokuhlangana wukuba kubikelwe isizwe ngempumelelo emuva kohambo olude lwezinkantolo, wukubonisana ngesihlalo sobukhosi bukaZulu, wukwelula isandla soxolo nokubuyisana phakathi kweNdlunkulu kaZulu nesizwe nokukhulekela ubunye kuziNyandezulu ezingabanikazi besihlalo.

Lokhu kuqinisekiswe nguMntwana uThulani Zulu ukuthi impela uyamemeza okaNdaba, uthi isizwe asihlangane esibayeni esikhulu eMashobeni.

ISilo uMisuzulu amacala esiphume phambili kuwona besiphonselwa inselelo ngabafowabo okunguMntwana uSimakade noMntwana uBuzabazi, bekhala ngokuthi uMengameli uMnu Cyril Ramaphosa kwakungafanele anikeze isitifiketi umfowabo (iSilo), avume ukuthi uyiSilo ngokusemthethweni.

Lesi simemezelo seSilo uMisuzulu siza ngemuva kokuba iNkantolo yoKudluliswa kwaMacala yaseBloemfontein ichithe isinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli, yavuna ukuqokwa kweSilo. Umdonsiswano ngesihlalo usuke kukhothama uyise weSilo esibusayo, uMdlokombane, ngonyaka ka 2021.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...