Ilanga News
Home 9 Featured 9 Azonekelwa izwe amagama alabo abalahlwa ngamacala ocansi

Azonekelwa izwe amagama alabo abalahlwa ngamacala ocansi

by | 3 February 2025

ASEZONEKELWA izwe amagama abo bonke abalahlwa ngamacala ocansi eNingizimu Afrika.

Ngokubika kwe-eNCA kusukela ngenyanga ezayo amagama alabo abalahlwa yila macala amagama abo asezohlala obala njengoba ezoshicilelwa kumqulu weNational Register For Sex Offenders.

Ukushicilelwa kwala magama kuthathwa njengokunqoba kwizinhlangano ezizimele ikakhulukazi ezilwela abesifazane nezingane.

Lesi simemezelo siqhamuka ngemuva kokuvela kwezinombolo ezishaqisayo ezithi babalelwa ku-16 000 othisha asebeke baboshwa ngamacala ahlukene athintra awocansi nokubulala.

UJuanita du Preez okhulumela i-Action Society yilo mthombo wezindaba ethi lesi simemezela sifike ngesikhathi bengasalindele.

Uthe kuyabathokozisa ukuthi izwe selizokwazi futhi lizibonele amagama alabo abasuke belahlwe ngamacala aphathelene nocansi.

Uthe phambilini bekumele kufakwe isicelo ukuze abantu babone amagama alaba bantu.

Uthi okuhle ngalesi simemezelo wukuthi asisekho isidingo sokufaka isicelo njengoba amagama asezobonakala kalula emphakathini.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...