Ilanga News
Home 9 Featured 9 Azonekelwa izwe amagama alabo abalahlwa ngamacala ocansi

Azonekelwa izwe amagama alabo abalahlwa ngamacala ocansi

by | 3 February 2025

ASEZONEKELWA izwe amagama abo bonke abalahlwa ngamacala ocansi eNingizimu Afrika.

Ngokubika kwe-eNCA kusukela ngenyanga ezayo amagama alabo abalahlwa yila macala amagama abo asezohlala obala njengoba ezoshicilelwa kumqulu weNational Register For Sex Offenders.

Ukushicilelwa kwala magama kuthathwa njengokunqoba kwizinhlangano ezizimele ikakhulukazi ezilwela abesifazane nezingane.

Lesi simemezelo siqhamuka ngemuva kokuvela kwezinombolo ezishaqisayo ezithi babalelwa ku-16 000 othisha asebeke baboshwa ngamacala ahlukene athintra awocansi nokubulala.

UJuanita du Preez okhulumela i-Action Society yilo mthombo wezindaba ethi lesi simemezela sifike ngesikhathi bengasalindele.

Uthe kuyabathokozisa ukuthi izwe selizokwazi futhi lizibonele amagama alabo abasuke belahlwe ngamacala aphathelene nocansi.

Uthe phambilini bekumele kufakwe isicelo ukuze abantu babone amagama alaba bantu.

Uthi okuhle ngalesi simemezelo wukuthi asisekho isidingo sokufaka isicelo njengoba amagama asezobonakala kalula emphakathini.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...