Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubuholi be-ANC bubhonge emswaneni kwaMthethwa

Ubuholi be-ANC bubhonge emswaneni kwaMthethwa

by | 2 October 2025

BEKUWUSIZI lodwa ngesikhathi abaholi be-African National Congress (ANC), baKwaZulu-Natal, behlanganisa amehlo nomndeni nezihlobo obeyinxusa laseNingizimu Afrika eFrance, uMnu Nathi Mthethwa.

UMthethwa, ushone ngoLwesibili eParis, eFrance, lapho abetshalwe khona nguMengameli Cyril Ramaphosa, noMnyango wezokuDlelwano naMazwe omhlaba (DIRCO).

Phakathi kwabaholi abafike KwaMthethwa, esigodini saseMbabe, eMpangeni, nguDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, okhulume nomndeni egameni le-ANC, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uMnu Jeff Radebe, uMnu Siboniso Duma, uDkt Sibusiso Ndebele, nabanye abaholi abajutshelwa ukuthi bazolungisa i-ANC KwaZulu-Natal.

Iningi lalaba baholi ngabasebenza noMnu Mthethwa, emazingeni ehlukene ku-ANC, nakuhulumeni.

Bekunabesifazane abayizihlobo zikaMthethwa nomakhelwane abebehleli phansi endliin kuculwa amaculo esonto, kugcwele izinyembezi ebusweni babo.

IPhini likaNgqongqoshe wakwaDIRCO, uMnu Alvin Botes, nguyena osethimbeni elenza izinhlelo zokwamukelwa komzimba kaMthethwa, namalungiselelo omngcwabo.

UMnyango wakwaDIRCO, uthi lonke uphenyo olwenziwa eFrance, ngokudlula emhlabeni kukaMnu Mthethwa, luzobe seluphothuliwe ngeSonto, bese umzimba ulethwa kuleli ekuqaleni kwesonto elizayo.

Umbiko wethimba labaphenyi baseFrance, lizokwedluliselwa kuhulumeni wasNingizimu Afrika, wona uchazale umndeni ngokqukethwe ngumbiko.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...