Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubuholi be-ANC bubhonge emswaneni kwaMthethwa

Ubuholi be-ANC bubhonge emswaneni kwaMthethwa

by | 2 October 2025

BEKUWUSIZI lodwa ngesikhathi abaholi be-African National Congress (ANC), baKwaZulu-Natal, behlanganisa amehlo nomndeni nezihlobo obeyinxusa laseNingizimu Afrika eFrance, uMnu Nathi Mthethwa.

UMthethwa, ushone ngoLwesibili eParis, eFrance, lapho abetshalwe khona nguMengameli Cyril Ramaphosa, noMnyango wezokuDlelwano naMazwe omhlaba (DIRCO).

Phakathi kwabaholi abafike KwaMthethwa, esigodini saseMbabe, eMpangeni, nguDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, okhulume nomndeni egameni le-ANC, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uMnu Jeff Radebe, uMnu Siboniso Duma, uDkt Sibusiso Ndebele, nabanye abaholi abajutshelwa ukuthi bazolungisa i-ANC KwaZulu-Natal.

Iningi lalaba baholi ngabasebenza noMnu Mthethwa, emazingeni ehlukene ku-ANC, nakuhulumeni.

Bekunabesifazane abayizihlobo zikaMthethwa nomakhelwane abebehleli phansi endliin kuculwa amaculo esonto, kugcwele izinyembezi ebusweni babo.

IPhini likaNgqongqoshe wakwaDIRCO, uMnu Alvin Botes, nguyena osethimbeni elenza izinhlelo zokwamukelwa komzimba kaMthethwa, namalungiselelo omngcwabo.

UMnyango wakwaDIRCO, uthi lonke uphenyo olwenziwa eFrance, ngokudlula emhlabeni kukaMnu Mthethwa, luzobe seluphothuliwe ngeSonto, bese umzimba ulethwa kuleli ekuqaleni kwesonto elizayo.

Umbiko wethimba labaphenyi baseFrance, lizokwedluliselwa kuhulumeni wasNingizimu Afrika, wona uchazale umndeni ngokqukethwe ngumbiko.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...