Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Azoqondiswa ubugwegwe amaphoyisa ‘ahambise izingane kwiMatric Dance ngeveni lombuso’

Azoqondiswa ubugwegwe amaphoyisa ‘ahambise izingane kwiMatric Dance ngeveni lombuso’

by | 28 August 2025

AZIDONSELE amanzi ngomsele amaphoyisa abonakale kwiVideo ehambisa abafundi bakamatikuletsheni kwiMatric Dance ngemoto yombuso njengoba uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, eseyalele ukuba amiswe emsebenzini, kwenziwe uphenyo ngalesi sigameko.

Kule video okuthiwa iqoshwe esigamekweni esenzeke ngempelasonto edlule, kubonaka iveni lifika kule ndawo likhala amaSiren, likhanyisa namalambu, maqede kwehle amaphoyisa amabili ephethe izibhamu ezinkulu, avulele laba bafundi. Uma ungazi ubungafunga ukuthi kugadwe isikhulu esiphezulu sikahulumeni noma isigebengu esesatshwayo, siyovela enkantolo.

Ngokwesitatimende samaphoyisa aseKZN, esikhishwe nguCol Robert Netshiunda, uMkhwanazi uthe la maphoyisa abesemsebenzini ngesikhathi okukholakala ukuthi le video iqoshwe ngaso, kanti ngokwenza njalo “adoje umsebenzi awuqashelwe wokuvikela umphakathi, nokuthi ingalo yomthetho ibonakale isebenza emphakathini”.

IVideo iphetha uma laba bafundi, owesilisa nowesifazane, sebehamba kukhaphethi obomvu. Kunemibiko engaqinisekisiwe ethi elinye lalawa maphoyisa abonakala kule video lingumzali noma isihlobo somunye walaba bafundi.

“Sengiyalele ukhomishana wamaphoyisa esifundeni uThukela ukuba aqinisekise ukuthi la maphoyisa athathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwewe. Asikwazi ukuvumela ukuthi amaphoyisa ethi esemsebenzini bese esebenzisa izinsiza zikahulumeni ngezinto ezinqondene nawo,” kusho uMkhwanazi esitatimendeni.

Uphinde wayalela umnyango wezemali ngaphakathi emaphoyiseni ukuthi ubale izindleko ezenzekile kuhulumeni ngalesi senzo samaphoyisa ngento engahlangene nomsebenzi aqashelwe wona.

“Isikhathi sombuso nezindleko zokuhamba kwaleli veni lombuso kumele zikhokhwe yilawa maphoyisa. Umphakathi uhlale ukhala ngokuthi uma ufonela eziteshini zamaphoyisa, kuthiwa izimoto kazikho, kanti amaphoyisa axhaphaza zona izinsiza ezishodayo ,” kuqhuba uMkhwanazi.

Isitatimende siphinde sanxusa amaphoyisa ukuziphatha ngendlela efanele, awuhloniphe umsebenzi nomfaniswano wombutho futhi akugweme ukuxhaphaza izinsiza zomphakathi.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...