Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Azoqondiswa ubugwegwe amaphoyisa ‘ahambise izingane kwiMatric Dance ngeveni lombuso’

Azoqondiswa ubugwegwe amaphoyisa ‘ahambise izingane kwiMatric Dance ngeveni lombuso’

by | 28 August 2025

AZIDONSELE amanzi ngomsele amaphoyisa abonakale kwiVideo ehambisa abafundi bakamatikuletsheni kwiMatric Dance ngemoto yombuso njengoba uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, eseyalele ukuba amiswe emsebenzini, kwenziwe uphenyo ngalesi sigameko.

Kule video okuthiwa iqoshwe esigamekweni esenzeke ngempelasonto edlule, kubonaka iveni lifika kule ndawo likhala amaSiren, likhanyisa namalambu, maqede kwehle amaphoyisa amabili ephethe izibhamu ezinkulu, avulele laba bafundi. Uma ungazi ubungafunga ukuthi kugadwe isikhulu esiphezulu sikahulumeni noma isigebengu esesatshwayo, siyovela enkantolo.

Ngokwesitatimende samaphoyisa aseKZN, esikhishwe nguCol Robert Netshiunda, uMkhwanazi uthe la maphoyisa abesemsebenzini ngesikhathi okukholakala ukuthi le video iqoshwe ngaso, kanti ngokwenza njalo “adoje umsebenzi awuqashelwe wokuvikela umphakathi, nokuthi ingalo yomthetho ibonakale isebenza emphakathini”.

IVideo iphetha uma laba bafundi, owesilisa nowesifazane, sebehamba kukhaphethi obomvu. Kunemibiko engaqinisekisiwe ethi elinye lalawa maphoyisa abonakala kule video lingumzali noma isihlobo somunye walaba bafundi.

“Sengiyalele ukhomishana wamaphoyisa esifundeni uThukela ukuba aqinisekise ukuthi la maphoyisa athathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwewe. Asikwazi ukuvumela ukuthi amaphoyisa ethi esemsebenzini bese esebenzisa izinsiza zikahulumeni ngezinto ezinqondene nawo,” kusho uMkhwanazi esitatimendeni.

Uphinde wayalela umnyango wezemali ngaphakathi emaphoyiseni ukuthi ubale izindleko ezenzekile kuhulumeni ngalesi senzo samaphoyisa ngento engahlangene nomsebenzi aqashelwe wona.

“Isikhathi sombuso nezindleko zokuhamba kwaleli veni lombuso kumele zikhokhwe yilawa maphoyisa. Umphakathi uhlale ukhala ngokuthi uma ufonela eziteshini zamaphoyisa, kuthiwa izimoto kazikho, kanti amaphoyisa axhaphaza zona izinsiza ezishodayo ,” kuqhuba uMkhwanazi.

Isitatimende siphinde sanxusa amaphoyisa ukuziphatha ngendlela efanele, awuhloniphe umsebenzi nomfaniswano wombutho futhi akugweme ukuxhaphaza izinsiza zomphakathi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...