Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezemfashini 9 ‘Kawusekho umbandela oqinile wokushuqula kwabaganile’

‘Kawusekho umbandela oqinile wokushuqula kwabaganile’

by | 29 October 2025

UKUSHINTSHA kwezikhathi nendlela yokuphila, kunomthelela ezintweni eziningi zesintu. Kulokhu singabala nokushuqula, abanye abakubuka njengento ebalulekile okumele yenziwe ngowesifazane osuke eseganile.

Nokho ngenxa yokushintsha kwezikhathi, lokhu sikubona kushintsha. Abanye bayahloniphisa ekhanda uma kunesidingo, uma kungenjalo bazihambele ngezinwele zabo. USolwazi uJabulani Maphalala, ongungoti wesintu, uchaza ngomlando wokushuqula kwabesifazane nokuguquka kwezikhathi.

“Kudala abesifazane abaganile bebethwala izicholo, kukhona lezi eziwubhojozi, bese kuba khona lezi ezendlalekile ezitholakala ikakhulukazi ezindaweni zakoMsinga – zazigqokwa nesidwaba. Bese kuthi abangaganile bona babenza lokhu esikubiza ngezimpithi ekhanda, kepha amatshitshi ayengaziluki,” esho.

Uthi lokhu kwakwenzelwa ukuba owesifazane abonakale ukuthi ukusiphi isigaba. Nokho ngenxa yokuguquka kwezikhathi, uthi lokhu kakusenzeki ngoba kakusefani nakuqala. Uthi sekuba kumnumzane walowo muzi ukuthi uxoxisana kanjani nowakwakhe.

“Esikhathini samanje izinto seziguqukile. Uzokhumbula nokuthi abesifazane kusukela kwakudala, yibo abebeqhamuka nezinguquko, bese amadoda elandela ngemuva. KwaZulu inhlonipho igxile emahlombe, hhayi ekhanda.

“Ngalokhu ngisho ukuthi usengahlangana nowesifazane wasemakhaya engashuqulile, kepha uthole ukuthi kukhona akugaxe emahlombe. Ngisho ungayaphi, amahlombe uzowafica ehloniphekile,” echaza.

Esikhathini samanje abesifazane okujwayeleke ukuthi babonakale beshuqulile kuyaye kube ngabashadile, ngenhloso yokuhlonipha abasemzini, noma abazikhonzele ukushuqula. Kanti kwabanye bashuqula uma kunesimo esithile esiphoqayo – mhlawumbe uma kushoniwe noma kunomcimbi wesintu.

Nokho okuphawulekayo kwezemfashini wukuthi abesifazane bakukhonzile ukushuqula; lokhu kubonakala ngemisiko abayigqokayo esuke ihambisana nabakugqokile. Muva nje, kuke kwaba nempikiswano ezinkundleni zokuxhumana lapho kubonakale khona uNdlunkulu uSihle Mdhluli ehamba ngekhanda.

Abanye baphawule ngokuthi kumele engabe uyahloniphisa ekhanda ngoba useyinkosikazi. Nokho uSolwazi uMaphalala ukucacisile ukuthi lokhu kuba yingxoxo ephakathi kwabaganene.

“Omunye usuke ezovumelana nomyeni wakhe ukuthi ushuqula iduku uma kunjani, njengoba ngicacisile ukuthi KwaZulu inhlonipho isemahlombe ikakhulukazi, hhayi ekhanda.”

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...