Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Babalisa ngenduna ‘efuna ugologo obizayo ukusika iziza’

Babalisa ngenduna ‘efuna ugologo obizayo ukusika iziza’

by | 25 February 2026

KUKHALWA ngenduna ye-nkosi yesizwe saseMaphephe-theni, eNyaka-tho yeTheku, okuthiwa ithatha izizumbulu zemali kubantu, iphinde ifune ugologo obizayo uma ibasikela izindawo zokwakha kule ndawo.

ILANGA lithole izikhalo empha-kathini ngenduna uMnu Xolani Nojiyeza, edume “ngelikaJay”.

Kuthiwa abanye abantu bakho-kha imali ize ifinyelele ku-R150 000 uma isikela umuntu indawo. Iphinde ifune ugologo iGlenfiddi-ch, ama-cider nenyama ebomvu 

iT-Bone Steak, ethi yilona hlobo lwenyama eludlayo.

Okwenza kubenzima kakhulu, kuthiwa uma le nduna ibeke umu-ntu, imkalela izinyanga ezintathu ukuthi akhe, uma engakhi, iya-mphuca indawo iyidayisele omu-nye umuntu, kanti umthetho we-ndawo kuthiwa uthi umuntu uli-ndwa iminyaka emibili ukuthi akhe. 

Kuvela ukuthi kunezindawo esihlomule kathathu ngazo, indawo ngayinye njengoba iyidayisa izikhathi ezahlukene.

Bachitha imali enkulu abantu uma beyobekwa eMaphephetheni

ILANGA likhulume noNkz Balu-ngile Ntuli, othi walahlekelwa wu-R24 000 awukhokha kuNojiyeza, ethenga indawo yokwakha.

“Ngakhokha le mali ngo-2018, ngithenga indawo, ngaphinda nga-sebenzisa u-R6000, ngithenga ukudla okwadliwa ngosuku engabekwa ngalo.

 “Okwenza ngisebenzise imali engaka yokudla, yingoba ngalethe-lwa uhlu lwezinto ezifunekayo, kwaphinda kwathiwa kumele ngi-thengele uNojiyeza ugologo wakhe eceleni. 

“Ngatshelwa ukuthi kuzoshesha uma ngijabulisa yena. Kuze kube yimanje angikaze ngakhe kule ndawo, nemali yami ayibuyanga. Inkinga engaba nayo, wukuxabana nesoka lami, ngasaba ukuqhubeka nokwakha khona kodwa ngamazisa uNojiyeza, wathi uzobuyisa imali yami noma angibhekele enye indawo. 

“Kuze kube yimanje uyangiba-lekela. Sihlala sihlela ukuthi si-hlangane ukuze anginike imali, noma angikhombise indawo 

entsha engizokwakha kuyona, ko-dwa ajike ngomzuzu wokugcina, athi kukhona okunye okuphuthumayo,” kusho uNkz Ntuli.

Omunye oyilungu eliqavile emphakathini eMaphephetheni, ongathandanga ukudalulwa (ILANGA elinalo igama lakhe), uthe ziningi izikhalo abazitholayo ngenduna uNojiyeza.

“Angikaze ngikulandele ukuthi yimalini ukusikelwa indawo ngokohlelo lwenkosi, kodwa ngike ngizwe ukuthi ayinkulu. Engihlala ngikuthola wukuthi usikela aba-ntu izindawo ngemali engafani, ubheka ukuthi unothe kangakanani. 

“Kukhona okuthiwa uthatha ku-bona o-R40 000, abanye kube o-R80 000 kuya phezulu,” kusho leli lungu.

Ithintwa induna uNojiyeza nga-lezi zinsolo, izichithile maqede ya-ngafuna ukwanda ngamazwi, ya-khala ngokuthi ijahe emhlanga-nweni enkantolo yesizwe, iyapha-zamiseka njengoba kuxoxwa nayo.

“Mina angihlangani nemali ekhokhwa abantu, ngazi ukuthi uma kunemali ekhokhwayo, iyi-swa eNkosini uGwala. Mina ngi-ngena uma sekumele kubekwe umuntu, ngifike ngenze lowo msebenzi bese ngiyahamba. 

“Nogologo lo okukhulunywa ngawo usuke uyiswa kuyona inkosi, bese kuba wutshwala nenyama, okudliwa uma kubekwa umuntu. Awukho oza kumina ngokukhe-

thekile ugologo nenyama. Ngicela ofuna ukukwazi, ukubuze enkosini,” kusho uNojiyeza evala ucingo.

INkosi iyaphefumula

Kuthintwa iNkosi uThandi-zwe Gwala, ithe kuyijabulisa kakhulu ukuthintwa yiLA-NGA, ngalolu daba ukuze igonyuluke ngoba kudala imkhuza uNojiyeza.

“Lo wesifazane okhala ngo-R24 000 wakhe, mncane emalini engithola ukuthi ithathwa uNojiyeza kubantu. Kukhona athatha kubona o-R70 000, R100 000 kuze kufike ku-R150 000, kwabanye, ebasikela izindawo ngokungemthetho. 

“Okubuhlungu ukuthi akukho angibikela khona njengenkosi, futhi ayikho imali ayiletha kimina. Ngokohlelo lwala eMaphephe-theni, imali yokukhonzela indawo kuba wu-R3000, bese kuba u-R550  wenduna wokubeka umuntu. 

“Ukudla okusuke kuzodliwa uma sekubekwa umuntu, kuba yinyama, utshwala nogologo ko-dwa asikho isinqumo senyama ukuthi kumele ibe ngakanani noma uhlobo oluthile, kodwa kuya ngamandla omuntu osuke ebekwa. 

“Ugologo nawo akufuneki obizayo, kuba yibhodlela elimhlophe nelibomvu. Kulawo mabhodlela, elilodwa lilethwa kimina njenge-nkosi. Ngikhuluma nawe nje, uke wafika la kimina uNojiyeza elethe ibhodlela leCaptain Morgan, ko-dwa bese kuneminyaka agcina ukuletha okuthile uma kade kubekwa umuntu,” kusho iNkosi uGwala.

Ithe kunenqwaba yezigwili ezibona zakhe izithabathaba zemizi endaweni, kodwa kayazi nokuthi zingobani, njengoba zingabikiwe kuyona njengenkosi, futhi kayi-lwazi nohlelo lokubekwa kwazo.

“UNojiyeza uphula ngisho ne-mithetho elawula indawo yaseMaphephetheni, njengoba kunabantu abasikele izindawo phezu kweda-mu iNanda Dam, lapho okungavumelekile ukuthi abantu bakhe khona. 

“Kukhona abanye abake bafike enkantolo yesizwe bezofuna izi-ncwadi njengezakhamizi zendawo, sinqabe ukubanika ngoba asibazi. Abanye baveza nokuthi sebeneminyaka engaphezu kwemihlanu ba-khile eMaphephetheni. Uma sibuza, bathi babekwa yinduna uNojiyeza. 

“Ukube le mali okukhulunywa ngayo iyafika kimina, ngabe ngiha-mba ngezimoto ezinkulu kabi ngo-ba nami ngiyafisa ukuba nayo imo-to enkulu kodwa amandla ka-nginawo,” kuqhuba iNkosi uGwala.

Ithe yona ayinalutho ngisho ne-moto ehamba ngayo iNissan Tida eyayiphiwa ngumfowabo, nayo ifi-le kumanje ihamba ngezinyawo.

INkosi uGwala ithe isike yambiza uNojiyeza, imxwayisa ngokuzi-phatha kwakhe. Ithe yaze yamvu-lela ngisho iBhayibheli, imtshela ukuthi uNkulunkulu akafuni ku-dlalwe ngabantu bakhe, akayeke ukudlala ngabantu.

INkosi uGwala iphinde yakuqi-nisekisa ukuthi umuntu unikwa iminyaka emibili ukuthi akhe ngokohlelo lwasendaweni yayo.

 Ithe uma kuphela izinyanga eziyisithupha kungekho akuqalile ukukhombisa ukuthi uyakha, uyabuzwa ukuthi usazimisele yini ngokwakha. 

Uma esazimisele, alindwe kuze kuphele iminyaka emibili ngaphambi kokuba indawo ibuyele enkosini. 

www.ilanganews.co.za

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...