Ilanga News
Home 9 Featured 9 Babizelwe ePhalamende abasolwa ‘ngokucindezela’ umphakathi ngentengo kagesi

Babizelwe ePhalamende abasolwa ‘ngokucindezela’ umphakathi ngentengo kagesi

by | 4 September 2025

BAZOPHEKWA ngemibuzo ePhalamende abeNational Energy Regulator of South Africa (Nersa), abasolwa ngokucindezela umphakathi ngentengo kagesi. Izikhulu zeNersa zibizelwe ePhalamende ngomhla ka-10 kule nyanga, lapho zizovela khona phambi kwekomidi eliqondene nogesi nezamandla (Portfolio Committee on Electricity and Energy).

UMnu Arico Kotze ongunobhala waleli komidi, ukuqinisekisile kwiLANGA ngoLwesithathu ukuthi iNersa izovela ngesonto elizayo ngoLwesithathu. Ukubizwa kweNersa kulandela ukuba iphinde yacasula umphakathi ngephutha eyalenza ngesikhathi ithatha isinqumo mayelana nesicelo sakwa-Eskom, sokwenyusa intengo kagesi.

Lelo phutha lizolungiswa ngokuthi kwengezwe enye imali kule iNersa eyayigunyaze ukuba i-Eskom yenyuse ngayo intengo. Lokhu kusho ukuqonga kwenkinga ngentengo kagesi emba eqolo eNingizimu Afrika, ekhalisa abantu abaningi.

Ngonyaka ozayo intengo kagesi isizokwenyuka nga-phezu kwalokho iNersa eyayikumemezele ngoMasingana (January), ngesikhathi ithatha isinqumo ngesicelo se-Eskom sokwenyuswa kwentengo kagesi. NgoMasingana (January) walo nyaka iNersa yagunyaza ukuba i-Eskom yenyuse intengo kagesi ngo-12,74% kulo nyaka; kuthi ngonyaka ozayo yenyuse ngo-5,36%; bese kuthi ngonyaka olandelayo
yenyuse ngo-6,19%.

Kodwa kuthe sekubonakele ukuthi yenza iphutha ngesibalo semali engenayo kwa-Eskom, okuyindlela esetshenziswayo uma kuthathwa isinqumo sokwenyuswa kwentengo, kwase kudingeka ukuba kulungiswe lelo phutha.

I-Nersa ithi kulo nyaka akuzokwenzeka shintsho, kodwa ngonyaka ozayo kuzokwengezwa u-3,4% ku-5.36% okwakugunyazwe ukuthi kwenyuswe ngawo intengo kagesi, lokhu okusho ukuthi isizokwenyuka ngo-8,76%. Onyakeni olandelayo kuzokwengezwa u-2,64% kulokho okwakuphasiswe yi-Eskom, okuwu-6,19%, osekuzoyenza yenyuke ngo-8,83%.

UNkk Busisiwe Mavuso, oyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa, uthi into engaba yisisombululo enkingeni yokwenyuka ngamandla kwentengo kagesi wukuba kuqiniswe ukuncintisana embonini kagesi – kwande izinkampani ezizimele, eziwuphehlayo ugesi.

Ugxeka indlela okunqunywa ngayo intengo kagesi njwngoba ekholwa wukuthi isiphelelwe yisikhathi.

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...