Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Babolile yinduku ‘abazame ukuthumba’ ophunyelwe yimali yeRAF

Babolile yinduku ‘abazame ukuthumba’ ophunyelwe yimali yeRAF

by | 25 October 2025

ZILAHLWE ngelakubo “izigilamkhuba” okuthiwa bezihlela ukuthumba owesilisa osanda kuphunyelwa yisizumbulu semali yakwaRoad Accident Fund (RAF), ngesikhathi umphakathi wasoThuthwini, eMthwalume, uzithelekela ngenduku.

Kubikwa ukuthi laba besilisa ababili balanyulelwe wukufika kwamaphoyisa ngesikhathi umphakathi – obuvutha ungabaselwe – ubathela isibhaxu, okuthiwa kubenze bagonyuluka ngetulo labo lokuthumba ophunyelwe yimali yakwaRAF.

Kuthiwa amaphoyisa abathathe abaphuthumisa esibhedlela ngoLwesithathu emuva kokuba umphakathi “uxoxe” nabo kanzima. Ngokuthola kweLANGA, laba besilisa bese benesikhashana bexhumana nomndeni walona wesilisa ophunyelwe yimali engeke idalulwe.

Kuthiwa ngesikhathi bexhumana nomndeni okokuqala, bawutshele ukuthi empeleni abameli balona wesilisa bamrobhile, bekufanele athole enkulu kunalena ayitholile. Kuthiwa babe sebehlela imihlangano nomndeni, bezenza abafuna ukusiza ukuze kuphume imali enkulu kunalena ayitholile.

Kuthiwa izolo bafike ekuseni ngenhloso yokulanda amalungu omndeni, ngoba bethi bahambisa lona wesilisa kudokotela wabo, kanti kababuzanga elangeni. Kuthiwa umphakathi ubusungangabo, okuthe uma befika nje egcekeni, wabangenela ngenduku.

Kuthiwa imoto abebehamba ngayo ibifakwe i-number plate okungeyona, kufihlwe enye ebingaphansi. ILANGA liyibonile i-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana, lapho omunye walaba besilisa egonyuluka khona ngetulo labo.

Kule video, ubonakala egcwele igazi emuva kokutitinywa. Umthombo weLANGA osondelene nomndeni, uthi bagonyuluke konke, bathi kukhona owesifazane abebesebenzisana naye, ukuzama ukuthola le mali.

“Umzala wami walimala engozini eyadlula nemiphefumulo yabantu. Yena wasinda, kodwa walimala kanzima ekhanda kangangoba ngeke esakwazi ukusebenza. Ubehamba abameli ukuthola isinxephezelo. Iphelile iminyaka eyisihlanu egqigqela le mali.

“Ngenyanga edlule ingenile imali yakhe, waqala walungisa ekhaya. Kube sekufika abantu abangaziwa, bezibiza ngabammeli, bebuza ngemali emphumele, bafika engekho. Batshela ababekhona ukuthi bangakwazi ukumlekelela ukuthola imali engaphezulu kunalena.

“Babuyile futhi ekhaya emuva kwezinsukwana bezokhuluma naye, bathatha imininingwane yakhe nekamazisi wakhe. Batshele umndeni ukuthi kuzomele bahambise umzala kudokotela wabo, ozokwazi ukumhlola kabusha ukumsiza.

“Siyasola ukuthi inhloso bekuwukumthumba, bamkhiphise yonke imali. Kubikelwe amanye amalungu omphakathi ngalaba bantu, kwatshelwa nesigungu esilwa nobugebengu endaweni.

“NgoLwesihlanu olwedlule kwabonakala imoto engaziwa ipake eduzane nasekhaya. Ababephakathi kwathi uma bebona ukuthi bayasolwa, basuka bahamba. NgoMsombuluko bafonile, batshela umndeni ukuthi bazofika ngoLwesithathu (izolo),” kusho umthombo.

Uthi ngenxa yokusola ukuthi inhloso wukubathumba, umphakathi uhlanganile, wabalinda. Uthi bafike sebengabantu abaphuthumayo, okuyilapho umphakathi ubangenele khona ngenduku.

“Ngesikhathi umphakathi usufikile, bagonyulukile, bathi kukhona owomdabu waseNdiya oseChatsworth, abasebenzisana naye. Kube sekufika amaphoyisa abathatha, abaphuthumisa esibhedlela,” kusho ilungu lomndeni.

Umthombo weLANGA ongaphakathi emaphoyiseni, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abiziwe endaweni yesigameko, kodwa kalikho icala elisavuliwe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...