Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bahleli ngesinqa esisodwa abathole uxhaso luka-R100 m eKZN

Bahleli ngesinqa esisodwa abathole uxhaso luka-R100 m eKZN

by | 23 June 2025

ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

BAHLELI ngesinqe esisodwa abahlomule ku-R100 million ophume esikhwameni sikaNdunankulu waKwaZulu Natal iYouth Empowerment Fund esiqondene nokuthuthukisa intsha esifundazweni. 

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli uthi zizophinde zibuyekezwe noma zicutshungulwe zonke izicelo zentsha engosomabhizinisi abancane ehlomule kulolu xhaso olwakhelwe ukuyithuthukisa. 

Uthi ngesizathu sokuthi kukhona izikhalo ezivelayo ngendlela uhlelo oluqhutshwe ngayo ngesikhathi kuhlungwa futhi kukhethwa abagcine bexhasiwe, ubone kungcono ukuthi ziphinde zibuyekezwe izicelo zalaba abahlomulile. 

UNdunankulu uthi yena ubazi ukuthi konke kuhambe kahle ngohlelo lokuhlunga nokukhetha abafanele ukuthola uxhaso. 

Uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma eMeyville, eThekwini ngoMsombuluko ekuseni, lapho bekuhlangene khona le ntsha ethole uxhaso, lapho izoqeqeshwa khona, icathuliswe ngokuphathwa ngendlela efanele ibhizinisi. 

UNtuli uthe akuyona i-worshop yokuqala lena yokucijisa le ntsha ngamakhono okuphatha ibhizinisi, kodwa asazoba khona namanye. 

Ugqugquzele intsha ukuba lolu xhaso iluphathe kahle, futhi iphathe namabhizinisi ngendlela ezowathuthukisa.

Kubikwa ukuthi zingu-3700 izicelo ezitholakele, kodwa kwaphumelela ezingu-102.

UNtuli uveze ukuthi uma kutholakala ukuthi kukhona abahlomule kulolu xhaso ngendlela engaqondile noma ngoba besondelene nabathize luzohoxiswa uxhaso lwabo.

Uphinde wadalula ukuthi ufuna bonke abafake izicelo bangahlomula bathole izincwadi ezibacaciselayo ngesizathu esenze bangaluthola uxhaso.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...