Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bahleli ngesinqa esisodwa abathole uxhaso luka-R100 m eKZN

Bahleli ngesinqa esisodwa abathole uxhaso luka-R100 m eKZN

by | 23 June 2025

ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

BAHLELI ngesinqe esisodwa abahlomule ku-R100 million ophume esikhwameni sikaNdunankulu waKwaZulu Natal iYouth Empowerment Fund esiqondene nokuthuthukisa intsha esifundazweni. 

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli uthi zizophinde zibuyekezwe noma zicutshungulwe zonke izicelo zentsha engosomabhizinisi abancane ehlomule kulolu xhaso olwakhelwe ukuyithuthukisa. 

Uthi ngesizathu sokuthi kukhona izikhalo ezivelayo ngendlela uhlelo oluqhutshwe ngayo ngesikhathi kuhlungwa futhi kukhethwa abagcine bexhasiwe, ubone kungcono ukuthi ziphinde zibuyekezwe izicelo zalaba abahlomulile. 

UNdunankulu uthi yena ubazi ukuthi konke kuhambe kahle ngohlelo lokuhlunga nokukhetha abafanele ukuthola uxhaso. 

Uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma eMeyville, eThekwini ngoMsombuluko ekuseni, lapho bekuhlangene khona le ntsha ethole uxhaso, lapho izoqeqeshwa khona, icathuliswe ngokuphathwa ngendlela efanele ibhizinisi. 

UNtuli uthe akuyona i-worshop yokuqala lena yokucijisa le ntsha ngamakhono okuphatha ibhizinisi, kodwa asazoba khona namanye. 

Ugqugquzele intsha ukuba lolu xhaso iluphathe kahle, futhi iphathe namabhizinisi ngendlela ezowathuthukisa.

Kubikwa ukuthi zingu-3700 izicelo ezitholakele, kodwa kwaphumelela ezingu-102.

UNtuli uveze ukuthi uma kutholakala ukuthi kukhona abahlomule kulolu xhaso ngendlela engaqondile noma ngoba besondelene nabathize luzohoxiswa uxhaso lwabo.

Uphinde wadalula ukuthi ufuna bonke abafake izicelo bangahlomula bathole izincwadi ezibacaciselayo ngesizathu esenze bangaluthola uxhaso.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...