Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 ‘Ushaye isikhala ungqongqoshe ngamakhono abakuleli ngaphambi kuka-1994’

‘Ushaye isikhala ungqongqoshe ngamakhono abakuleli ngaphambi kuka-1994’

by | 19 June 2026

UZITHINTELE izibonkolo uNkk Sindisiwe Chikunga (osesithombeni esingenhla), ongungqongqoshe obhekelele ezabesifazane, intsha nabaphila nokukhubazeka ehhovisi likamengameli, ngenkulumo yakhe ethi, ngaphambi kuka-1994, abantu baseNingizimu Afrika “babengenawo amakhono okuziphilisa embonini yezokwakha”.

UNkk Chikunga ubebuzwa yintatheli yeSABC mayelana nokwehluleka kweConstruction Education and Training Authority (CETA), okuyinhlangano kahulumeni ebhekelele umkhakha wezokwakha, mayelana nokuthi kuwona kudla kakhulu abokufika (abanye babo abangenazo izimvume), kunezakhamizi.

“Emiphakathini yabantu abamnyama, babengekho abantu abakwazi ukwakha, mhlawumbe babekhona kwabamhlophe. Emphakathini wangakithi besingenaye ngisho umuntu okwazi ukubeka isitini, ngoba sasingavunyelwe ukwenza lokhu.

“Besingenayo imfundo ebingasinikeza amakhono anjengalawa,” kusho uNkk Chikunga, echitha umbono wentatheli wokuthi ngeminyaka yama-90s, kulo mkhakha kwakugcwele abomsinsi.

Abaningi bebethi ungqongqoshe ushaye isikhala ngale nkulumo, ikakhulukazi njengoba imimoya isephezulu ebantwini abaningi, mayelana nendaba yabantu bokufika abasezweni ngokungemthetho, abagcina sebeqashelwa imisebenzi engenziwa ngabakuleli.

Bathi le misebenzi ibingenza sibe sincane kakhulu isibalo sabantu abangasebenzi ezweni.
Ngemuva ngokugxekwa kwenkulumo kangqongqoshe, umnyango wakhe ukhiphe isitatimende ukubhula umlilo.

Uthi i-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana inqanyuliwe, okwenza yakhe isithombe okungeyisona ngabekusho.

“Ungqongqoshe ubeveza ukuthi uhulumeni wobandlululo ububancisha abantu abampisholo amathuba okucijwa amakhono ukuze babe neqhaza kwezomnotho, kodwa kwashintsha konke lokhu ngokufika kukahulumeni wentando yeningi,” kusho isitatimende.

Kusabalale izithombe zakudala ezikhombisa abantu benza imisebenzi yokwakha, ukuphikisana nokushiwo ngungqongqoshe.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...