Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 ‘Ushaye isikhala ungqongqoshe ngamakhono abakuleli ngaphambi kuka-1994’

‘Ushaye isikhala ungqongqoshe ngamakhono abakuleli ngaphambi kuka-1994’

by | 19 June 2026

UZITHINTELE izibonkolo uNkk Sindisiwe Chikunga (osesithombeni esingenhla), ongungqongqoshe obhekelele ezabesifazane, intsha nabaphila nokukhubazeka ehhovisi likamengameli, ngenkulumo yakhe ethi, ngaphambi kuka-1994, abantu baseNingizimu Afrika “babengenawo amakhono okuziphilisa embonini yezokwakha”.

UNkk Chikunga ubebuzwa yintatheli yeSABC mayelana nokwehluleka kweConstruction Education and Training Authority (CETA), okuyinhlangano kahulumeni ebhekelele umkhakha wezokwakha, mayelana nokuthi kuwona kudla kakhulu abokufika (abanye babo abangenazo izimvume), kunezakhamizi.

“Emiphakathini yabantu abamnyama, babengekho abantu abakwazi ukwakha, mhlawumbe babekhona kwabamhlophe. Emphakathini wangakithi besingenaye ngisho umuntu okwazi ukubeka isitini, ngoba sasingavunyelwe ukwenza lokhu.

“Besingenayo imfundo ebingasinikeza amakhono anjengalawa,” kusho uNkk Chikunga, echitha umbono wentatheli wokuthi ngeminyaka yama-90s, kulo mkhakha kwakugcwele abomsinsi.

Abaningi bebethi ungqongqoshe ushaye isikhala ngale nkulumo, ikakhulukazi njengoba imimoya isephezulu ebantwini abaningi, mayelana nendaba yabantu bokufika abasezweni ngokungemthetho, abagcina sebeqashelwa imisebenzi engenziwa ngabakuleli.

Bathi le misebenzi ibingenza sibe sincane kakhulu isibalo sabantu abangasebenzi ezweni.
Ngemuva ngokugxekwa kwenkulumo kangqongqoshe, umnyango wakhe ukhiphe isitatimende ukubhula umlilo.

Uthi i-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana inqanyuliwe, okwenza yakhe isithombe okungeyisona ngabekusho.

“Ungqongqoshe ubeveza ukuthi uhulumeni wobandlululo ububancisha abantu abampisholo amathuba okucijwa amakhono ukuze babe neqhaza kwezomnotho, kodwa kwashintsha konke lokhu ngokufika kukahulumeni wentando yeningi,” kusho isitatimende.

Kusabalale izithombe zakudala ezikhombisa abantu benza imisebenzi yokwakha, ukuphikisana nokushiwo ngungqongqoshe.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...