Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umnyango ufuna ukuvala ukusebenza komazisi abayibhukwana eliluhlaza kulo nyaka

Umnyango ufuna ukuvala ukusebenza komazisi abayibhukwana eliluhlaza kulo nyaka

by | 8 January 2025

UMNYANGO wezaseKhaya uthi ufuna ukuvala ukusebenza komazisi abayibhukwana eliluhlaza ngaphambi kokuphela kwalo nyaka. Inhloso yokushintsha umazisi ube yikhadi (Smart ID) kuthiwa wukunqanda inkohlakalo nobugebengu bokwebiwa kwemininingwane yabantu

Ngokombiko weSABC, umnyango uthi zonke izakhamizi kumele zibe nomazisi oyikhadi ngoba wenziwe ngobuchwepheshe besimanje futhi wehlisa amathuba okwebiwa kwemininingwane yomuntu ngokuphindwe kahlanu. Uhlelo lokushintsha omazisi selokhu lwaqalwa ngo-13.

“Umazisi oyibhukwana eliluhlaza unengcuphe enkulu yokuthi izigilamkhuba zebe imininingwane yakho, zizenze wena. Kokunye izigebengu zisebenzisa imininingwane akho ukwenza izikweletu ezigcina ziba wumthwalo wakho.

“Kwesinye isikhathi izigilamkhuba zenza umbombayi womazisi omunye umuntu. Ngaphambi kokuphela konyaka sizobe sesikuvalile ukukhishwa komazisi abayizincwajana eziluhlaza,” kusho isekela likangqongqoshe wezaseKhaya uMnu Njabulo Nzuza.

Kuthiwa iNingizimu Afrika ihamba phambili emazweni ase-Afrika ngezibalo zokwebiwa kwemininingwane yabantu.

Ezisematheni

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

KUBULAWE owesilisa efaniswe nomuntu okusolwa ukuthi uyena obulala abesifazane abatholwa beshonile eKempton Park, eKurhuleni. Umufi uMnu Vusumuzi Radebe kuthiwa uhlaselwe yiqulu labantu eKurhuleni esolwa ngokuthi ungumbulali wabesifazane njengoba kutholakala izidumbu...

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

UPHIKO lwamaphoyisa iProvincial and Crime Unit lugasele emzimi kangqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnu Senzo Mchunu lwayophenya umuzi wakhe okwaZulu-Natal kwathathwa nomakhalekhukhwini. Amaphoyisa kuthiwa afike nencwadi egunyaza ukuthi kuseshwe umuzi wakhe ayinikwe...

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...