UMNYANGO wezaseKhaya uthi ufuna ukuvala ukusebenza komazisi abayibhukwana eliluhlaza ngaphambi kokuphela kwalo nyaka. Inhloso yokushintsha umazisi ube yikhadi (Smart ID) kuthiwa wukunqanda inkohlakalo nobugebengu bokwebiwa kwemininingwane yabantu
Ngokombiko weSABC, umnyango uthi zonke izakhamizi kumele zibe nomazisi oyikhadi ngoba wenziwe ngobuchwepheshe besimanje futhi wehlisa amathuba okwebiwa kwemininingwane yomuntu ngokuphindwe kahlanu. Uhlelo lokushintsha omazisi selokhu lwaqalwa ngo-13.
“Umazisi oyibhukwana eliluhlaza unengcuphe enkulu yokuthi izigilamkhuba zebe imininingwane yakho, zizenze wena. Kokunye izigebengu zisebenzisa imininingwane akho ukwenza izikweletu ezigcina ziba wumthwalo wakho.
“Kwesinye isikhathi izigilamkhuba zenza umbombayi womazisi omunye umuntu. Ngaphambi kokuphela konyaka sizobe sesikuvalile ukukhishwa komazisi abayizincwajana eziluhlaza,” kusho isekela likangqongqoshe wezaseKhaya uMnu Njabulo Nzuza.
Kuthiwa iNingizimu Afrika ihamba phambili emazweni ase-Afrika ngezibalo zokwebiwa kwemininingwane yabantu.