
ABULAWE ebuya ukuyovula icala esiteshini samaphoyisa amalungu amane omndeni wakwaMchunu, esigcemeni sakwa-D, eZakheni, eMnambithi, aqothwe ngenhlamvu ngoMsombuluko. Kuthiwa abeyovula icala nje, abethola izinsongo zokubulawa ngoba enukwa ngokuthi abulale omunye umfana wasendaweni, obulawe ngoMgqibelo.
Ababulewe kulesi sigameko nguMnu Mthokozisi Mchunu (46), uMnu Mondli Mchunu (43), uMnu Nkomozakhe Mchunu (53) noMnu Macingwane Mchunu (63). Ngokuthola kweLANGA, kunomfana wakwaGama (elingatholakalanga igama lakhe) owabulawa eMcitsheni, eMnambithi ngoMgqibelo ebusuku.
Kuthiwa owazibonela ngamehlo ebulawa, wamemeza amagama alaba abanye ababulewe bakwaMchunu, bavuka bayo- vula icala ngoba bebona ukuthi impilo yabo kayiphephile. ILANGA lithole ukuthi babulawe behamba ngemoto yohlobo lweNissan Almera. Kuthiwa imoto ebihamba abasolwa ibibalandela ngemuva, kusolwa ukuthi ibibacuthele ngesikhathi bephuma esiteshini samaphoyisa.
Kuthiwa iqale yadubula ibalandela ngemuva, kwaze kwaba iyaphaphalaza imoto abebehamba ngayo. Kuthe uma isiphaphalaze yabhajwa esikhotheni, ababulali babe sebesondela babaqedela eduze.
ILANGA likhulume nelungu lomndeni elicele ukuba siligodle igama lalo ngenxa yokuba bucayi kwesimo. lithe ukubulawa kwalaba bekusho ukuphela komndeni walo, njengoba sekunesikhathi amalungu omndeni ebulawa. Lokhu kuqale ukwenzeka ngo-2024, njengoba kwabulawa uMenzi Mchunu, emuva kwakhe kwabe sekubulawa uSanele Mchunu ngoMandulo (September 2025), kwathi nonyaka ngoNdasa (March), kwabulawa uSthabiso Mchunu.
“Kubulawa laba abane nje, bebehambe beyovula icala lokusongelwa, emuva kokuba kubulawe umfana wasendaweni. Kuthiwa unina wakhe wamemeza, ethi ‘naba obani bebulala umntanami,” esho laba bakwaMchunu.
“Le nto ibikhulunywa ngisho esigodini. Bonke abantu bebenolwazi lokuthi ngobani okuthiwa babulele.
“Akugcinanga lapho njengoba bebelo- khu bebasongela ngokubulawa, okuyinto egcine yenzekile.
“Singcwaba minyaka yonke lapha ekhaya, futhi akukho lapho sisizakala khona. Empeleni umndeni usuphelile njengoba laba abahambile, bese kuyibona esesise- le nabo. Okubuhlungu wukuthi bafa nje, bafela into abangayazi njengoba kade besolwa ngaphandle kweqiniso,” echaza ngosizi ababhekene nalo.
ILANGA likhulume neNkosi yendawo uCyril zwane, ebeke kanje: “Le nto eyenzekile iyasikhathaza, futhi kade yaqala ukwenzeka. Ngokufunisela, sezwa kuthiwa isuka embangweni wokwebelana imfuyo. Sekubulawe abantu abacela ku-28, kusukela ngo-2024. Sike sazama ukuba nomhlangano ngalolu daba ngenhloso yokuletha ukuthula.
“Bese sinethemba lokuthi sekuyehla ukubulawa kwabantu. Ukubulawa kwabakwaMchunu kwenze isimo saba nzima kakhulu. Babulawa nje, bekusanda kubulawa omunye wakwaJali khona endaweni. Okubuhlungu wukuthi akekho ophumela obala, achaze,” kusho inkosi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCpt Ntathu Ndlovu, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulawa kwabantu abane eMnambithi. Bekungakaboshwa muntu.







