Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Bagwetshwe iminyaka ewu-15 abalahlwe elokubulala inkunzi

Bagwetshwe iminyaka ewu-15 abalahlwe elokubulala inkunzi

by | 24 August 2025


BAGIXATSHEZWE ngesigwebo seminyaka ewu-15, abalisa ababili abalahlwe yicala lokubamba imoto yemali eMtshezi. Isigameko sokubanjwa inkunzi kwemoto yemali senzeka ngomhla ka-8 kaNhlangulana (June) 2022.

USiyabonga Mncube (30) noMbongeleni Manyoni (35), bagwetshwe yiNkantolo yesiFunda e-Estcourt ngoLwesibili. Abasolwa baboshwa ngosuku olulandelayo, batholakala nemali eningi, eyayintshontshiwe.

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLt Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe abasolwa emuva kokuba sebegwetshiwe, inkantolo ibephuce nelungelo lokuphatha izibhamu.

“Isigameko senzeka emgwaqweni u-R103, okuyilapho kwahlaselwa khona imoto ehambisa imali. Ngesikhathi begila lo muga, baqala ngokudubula imoto eyayihamba kulo mgwaqo. Umshayeli wayo wehluleka wukuyilawula, emuva kwalokho bakhomba onogada ngezibhamu, maqede bathatha imali eyayisemotweni. Bobabili babanjwa nemali, bethweswa icala ngesikhathi esisodwa,” kusho uMhlongo.

Ezisematheni

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

KUBE yinjabulo kumalungu ebandla lamaRoma aKhatholika umhlaba wonke, umholi wawo omkhulu uPope Leo XIV ededelwa esibhedlela izolo ngoMgqibelo ngemuva kokuhlinzwa. UPope Leo ubelaliswe esibhedlela i-Agostino Gemelli University Hospital esiseRome, lapho ahlinzwe khona...

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele...

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...