BASALE bebuzana ukuthi ungubani ongenele umjaho wokuba yiMeya yeTheku, iqembu uMkhonto weSizwe Party (MKP) limemezela abazoba yizimeya komasipala abayisithupha, njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya ngomhlaka 4 kuMfumfu (November) nonyaka.

Leli qembu limemezele abayisithupha elithe lifuna babe yizimeya kulabo masipala. I-MKP ithe okwamanje ifuna omasipala abayisithupha kodwa isazophinde iveze abanye abazoba yizimeya kwabanye omasipala.
Ngesikhathi kumenyezelwa uNkz Zandile Hlophe-Mkhwanazi, ofuna ukuba yimeya yeTheku, abantu baphenduke babukana. Abanye bebebuza ukuthi ungubani lo omenyezelwayo. Abanye ububezwa bekhulumela phansi bebuza kwabanye ukuthi bayamazi yini. Nangesikhathi sekuqedwe ukumenyezelwa bonke abazongenela esokuba yimeya, uNk Hlophe-Mkhwanazi uphele emehlweni yize abezindaba bebenikiwe ithuba lokuthi bangakhuluma nabo bonke abamenyezelwe.
Okhulumela iMKP, uMnu Sfiso Mahlangu uthe bonke abaqokiwe bazoyifaka imilando yabo emakhasini abo futhi bangabantu abanamava abangasabi ngabo. Omunye omenyezelwe esuka esikhundleni esiphezulu kube nguMnu Thulani Shongwe oyilungu lePhalamende okuthiwa uzongenela umjaho wokuba yimeya eKurhuleni. Abanye abamenyezelwe kube uMnu Bongani Baloyi ozoba seGoli, uNkz Mapaseka Mothibi ozoba seMangaung, kube uMnu Mzwandile Vaaiboom eBuffalo City bese kuba uMnu Mvuleni Map eNelson Mandela Bay.







