Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 USibiya uthi konke akwenza wayejutshwe ngabaphathi bakhe

USibiya uthi konke akwenza wayejutshwe ngabaphathi bakhe

by | 5 June 2026

USAQHUBEKA ngokuphekwa ngemibuzo uLt-Col Kwazikwakhe Sibiya kwikhomishini kaMadlanga. USibiya uphekwa uyephulwa ngeqhaza alibamba ngesikhathi kutholakala izidakamizwa zenani lika-R2m echwebeni laseThekwini (Harbour).

Ebifakazini bakhe kuvela ukuthi wephula imithetho ayaziyo ngenhloso. Phakathi kwezinto asolwa ngazo wukungaqikelili ukuthi lapho kwatholakala khona ikhonteyina eyayithwele izidakamizwa, kuzungezwa ngentambo ecacisa ukuthi sekuyindawo yesigameko (crime scene).

Kuvela ukuthi waphinde wabamba elikhulu iqhaza izidakamizwa sezisuswa eHabour ziyiswa esiteshini samaphoyisa eSiphingo, ngaphambi kokuba zidluliselwe ePortshepstone lapha ezagcina “zintshontshwe” khona.

Yena uzithethelela ngokuthi konke ayekwenza wayejutshwe ngabaphakathi bakhe abala kubona uColonel Gavin Jacob’s nabanye. Kulindeleke aphinde aqhubeke ngokwethula ubufakazi bakhe ngemva kwesilo sasemini (lunch).

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...