Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 USibiya uthi konke akwenza wayejutshwe ngabaphathi bakhe

USibiya uthi konke akwenza wayejutshwe ngabaphathi bakhe

by | 5 June 2026

USAQHUBEKA ngokuphekwa ngemibuzo uLt-Col Kwazikwakhe Sibiya kwikhomishini kaMadlanga. USibiya uphekwa uyephulwa ngeqhaza alibamba ngesikhathi kutholakala izidakamizwa zenani lika-R2m echwebeni laseThekwini (Harbour).

Ebifakazini bakhe kuvela ukuthi wephula imithetho ayaziyo ngenhloso. Phakathi kwezinto asolwa ngazo wukungaqikelili ukuthi lapho kwatholakala khona ikhonteyina eyayithwele izidakamizwa, kuzungezwa ngentambo ecacisa ukuthi sekuyindawo yesigameko (crime scene).

Kuvela ukuthi waphinde wabamba elikhulu iqhaza izidakamizwa sezisuswa eHabour ziyiswa esiteshini samaphoyisa eSiphingo, ngaphambi kokuba zidluliselwe ePortshepstone lapha ezagcina “zintshontshwe” khona.

Yena uzithethelela ngokuthi konke ayekwenza wayejutshwe ngabaphakathi bakhe abala kubona uColonel Gavin Jacob’s nabanye. Kulindeleke aphinde aqhubeke ngokwethula ubufakazi bakhe ngemva kwesilo sasemini (lunch).

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...