Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kukhalwa ngamakhosi angayihambeli imikhosi yeSilo

Kukhalwa ngamakhosi angayihambeli imikhosi yeSilo

by | 25 February 2026


USIHLALO we-Ndlu yabaHoli boMdabu nama-Khoisan, KwaZu-lu-Natal, iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga, “iqhumise isitshwebhu”, isibheki-se emakhosini angayi uma kune-mikhosi yaseNdlunkulu, esinga-thwa yiSilo uMisuzulu.
INkosi uShinga, ibikhuluma eMkhosini waMaganu, obuseMachobeni, eNgwavuma, esiFundeni uMkhanyakude, ngoMgqibelo. INkosi yakwaNdelu (Shinga), ithe amakhosi ayingubo yokwembatha yeSilo, ngakho uma sinemikhosi, kufanele abekhona ayosizimazisa.Ithi kuwukungasihloniphi iSilo ukuthi uma senze imikhosi yesi-zwe, kube khona amakhosi angayi.
“Noma kuthiwa uyinkosi esesiFundeni aMajuba, noma useHarry Gwala, uma Omdala esingethe umkhosi, fika, ngoba wumkhosi wesizwe lona osuke wenziwa. Aba-ntu bazokhuthala kanjani ukuha-mbela imikhosi, uma amakhosi abaholayo engezi emikhosini?” kubuza iNkosi uShinga.


UMkhosi waMaganu, ubusesigo-dlweni seSilo, esisendaweni ye-Nkosi uMphumeleli Lubelo Mngo-mezulu II, ebikhona, kukhona iNkosi yesizwe saKwaTembe iNkosi uMabhudu kaMzimba Tembe, yiNkosi yaKwaMakhasa iNkosi uZwelinzima kaHulumeni Gumede, iNkosi uSizabantu Gumede, yesizwe saKwaManaba, eneminyaka ewu-102, ebiqhutshwa ngesihlalo esinamasondo (wheelchair), neNkosi uVukani Nto-mbela, yaKwaNobamba, esiFu-ndeni iZululand.
Lo mkhosi wenzelwa esiFundeni uMkhanyakude nje, uSihlalo wamakhosi kulesiya sifunda, iNko-si uMbuso Gumede, yaKwaSiqaka-tha, ibingekho.


ISilo enkulumeni yaso, sinxuse amakhosi ukuba abambisane naso njengoba sesimbhidlangweni wo-kongiwa kwemvelo.
“Ngibambisene nabeSimangaliso Wetlands Park nabeZemvelo, ukuqinisekisa ukuthi izihlahla ezi-njengalezi ezikhiqiza amaganu esihlangene ngawo namhlanje ka-zishabalali. Sikhuthaza ukuthi abantu esibaholayo bakukhuthale-le ukutshala izihlahla ngoba isi-hlahla siletha impilo kumuntu, ku-sukela emoyeni awuphefumulayo, kuze kumaphilisi athathwa ngaba-ntu uma begula, athakwa ngezihla-hla.


“Amaganu yizithelo zokuqala uMdali asibusisa ngazo uma kuqala unyaka,” kusho iNdlulamithi.
Yize ilanga belishisa kakhulu, abantu baseMkhanyakude bebe-phume ngobuningi, kukhona ama-butho, nomame baseSwazini, aba-vela esigodlweni iMalindza Royal Kraal, abafike bephethe izigubhu ezinotshwala bamaganu nabo.
menzi.jele@ilanganews.co. za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...