
ISILO esesabuza, iNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu (uMdlokombane), kwathi ngomunye unyaka sethula inkulumo eMkhosini weLembe sathi: “Usuke engakapheleli uZulu uma ingakafiki iMbumbulu ekama ngehleza.”
ISilo sasikusho lokhu ngoba abantu baseMbumbulu, baziwa ngobugagu, ukwazisa nokugcina izinto ezingamagugu kubo. IMbumbulu, yindawo engaphansi kukaMasipala weTheku. Kusemakhaya eMbumbulu ngoba uma usuwele umfula iziMbokodo, okungamakhilomitha awu-45, usuka enkabeni yeTheku, usuke sewuqala iMbumbulu.
Kunenkantolo eMbumbulu, yingakho izimoto zabantu bakhona beziba ne-number-plate yakhona eqala ngoNUL.
Kuleya ndawo kuseMbo Mbumbulu
IMbumbulu ingaphansi kobukhosi bakwaMakhanya, obaseMbo (kwaMkhize), yiNdlu yaseSimahleni neyaseNgilanyoni (iMbo Thimuni), kukhona nobukhosi bakwaHlengwa (KwaThoyana), nabo obufakwa ngaphansi kwesiFunda saseMbumbulu.
Isizwe sakwaMkhize, (abaseMbo) sasiseNkandla, lapho osekwakhe khona abantu bakwaNtuli njengamanje. Babenomholi wabo uZihlandlo kaGcwabe Mkhize, owayengumngani omkhulu weSilo uShaka kaSenzangakhona. Ngesikhathi kukhothama iLembe, isizwe samaZulu sabuswa yiSilo uDingane kaSenzangakhona, ebekwe nguMntwana uMkabayi kaJama. UMkabayi wacebisa iSilo uDingane ukuba sibulale bonke abantu esibaziyo ukuthi babesondelene noShaka.
UZihlandlo kaGcwabe Mkhize, ngomunye wabantu ababulawa yiSilo uDingane ngoba wayengumngani omkhulu weSilo uShaka. Esebulewe uZihlandlo kaGcwabe, abantu baseMbo (abakwaMkhize), ayebahola bathutha ngoba kwakungasahlaleki eNkandla.
AbaseMbo baqombola njalo bawela imifula, bahamba baze bayowela umfula iziMbokodo, bedlula esizweni sakwaMakhanya. Endaweni abafike bazinza kuyo sebewele umfula iNtinyane, babezama ukulima amadumbe, kodwa engavumi, bezama ukutshala izindlubu zingamili, bezama ukutshala ummbila kodwa ushe.
Lokhu kudla babekulima beseseNkandla (eMbo), lapho ababesuke khona. Base bethi “Awu suka akukhona eMbo lapha, kuseMbo mbu-mbu-lu lapha.” Bathi iMbo yangempela bayishiya eNkandla. Kuleya ndawo kwakutshalwa umoba.
Ukusabalala kwabaseMbo eMbumbulu
Abantu bakwaMkhize (abaseMbo), basabalala nayo yonke iMbumbulu, ngoba abanye baze bawela umfula iLovu, bakha ngaphansi kwentaba iNhlazuka. Ngendlela abasabalala ngayo ba-gcina sebelwa bodwa abaseMbo, bebanga ubukhosana. Abalandeli bakaNkasa Mkhize, nabakaThimuni Mkhize balwa, kwachitheka igazi, kwaze kwalandwa uMntwana uMshiyeni kaDinuzulu ngo-1938, ukuyobalamula.
Nguyena uMntwana uMshiyeni njengeBambabukhosi ngaleso sikhathi, owabahlukanisa wathi uNkasa makabe nobakhe ubukhosi, noThimuni abe nobakhe ubukhosi. Oyise bala makhosi aseMbo uTilongo (iSimahla) noS’khukhukhu (iNgilanyoni) baboshwa, baya esiqhingini iSt Helena ngoba babayingxenye yeMpi yamaKhanda. INkosi uThimuni yanikwa indawo ngaphansi kwentaba iNgilanyoni.
AbakwaHlengwa, behlengwa kwaMkhize
Kwakuhlale kuhlatshiwe eSimahleni (igama lomuzi omkhulu waseMbo), eMbumbulu. Lapha eSimahleni kwakukhona indodana yakhona uMashasha, eyayisiphume inxiwa, yayokwakha umuzi wayo phesheya komfula iLovu. Inkosi yaseMbo yathumela ukuba kubizwe zonke izinhloko zemizi yaseMbo, kuyobuswa kuhlatshwe izinkomo. Bafika bonke abaseMbo kodwa kwaba nguMashasha yedwa ongafikanga.
Kuthiwa inkosi yaseMbo kwayiphatha kabi futhi yathukuthela ngesenzo sikaMashasha sokungezi kubo kubuswa yase ithi: “OkunguMashasha lokhu sekulebukile! ngiyakubiza akuzi.” Kwaba khona izigijimi ezaya ukuyomtshela uMashasha ukuthi inkosi yaseMbo ithukuthele, ifuna ukumhlasela.
UMashasha nozalo lwakhe, babe sebebizwa ngabakwaHlengwa ngoba “bahlengwa kwaMkhize”, abanye bababiza ngoMlebuka, ngoba kwathiwa uMashasha uselebukile, okusho ukuthi usekhuluphele kwaze kweqa. KwaThoyana lapho kukhona isizwe sakwaHlengwa, yingxenye yeMbumbulu.
Izimpi eMbumbulu
Ngeminyaka yama-70s nama-80s kwachitheka igazi eMbumbulu, kulwa isizwe sakwaMakhanya nabaseMbo. Isizwe sakwaMakhanya sasesiphethwe yiNkosi uBhekizitha kaLugobe Makhanya ngaleyo minyaka. Abantu bakwaMakhanya babaziwa ngokuthi bakhathalele imfundo ngoba kwaba nomhloli wezikole, uMnu Hamilton Makhanya, okunguyena owatholela uMzwa-khe Anton Lembede umfundaze.
USibusisiwe Makhanya waba ngunonhlalakahle wokuqala omnyama eNingizimu Afrika, efunde phesheya kwezilwandle. Bobabili kuqanjwe ngabo izikole eMbumbulu.
Enyakatho-mpumalanga, kunesigodi saseMadundube esesi-mngceleni namapulazi aseMid-Illovo, awumngcele nomfula iLovu. Kukhona nesikhungo esakhiwa nguDkt Oscar Dumisani Dhlomo – wasiqamba ngoyise i-Isaac Dhlomo Chapel yeBandla le-United Congregational Church. KwakuneMbumbulu College of Education, KwaMakhutha.
IZIHLABANI ZASEMBUMBULU
- UDkt Sibongiseni Maxwell Dhlomo onguSihlalo wePortfolio Committee yakwaHealth, ePhalamende.
- UShauwn “MaMkhize” Mkhize usomabhizinisini uzalwa eMbu-mbulu.
- Umculi uBongani Nkwanyana ngowaseMbumbulu.
- UMzwakhe Anton Lembe-de, waba ngumengameli wokuqala we-ANC Youth League isungulwa ngo-1944.
UMthombo:
USibongiseni Mkhize (uMvusi wenyamazane), obhale incwadi uLibo lwaseMbo.







