Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Sekuboshwe abantu abangaphezulu kuka-3000 ngokwephula imithetho yomgwaqo

Sekuboshwe abantu abangaphezulu kuka-3000 ngokwephula imithetho yomgwaqo

by | 19 December 2024

YINQWABA yabantu esiboshwe ngamaphoyisa emigwaqweni yakuleli ngokushayela idle amponjwana, nokuhamba ngesivinini esiphezulu ngokweqile selokhu kuqale amaholidi okuphela konyaka.

Lokhu kuvezwe nguNkk Barbara Creecy onguNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke ngoLwesine ngesikhathi ethula umbiko ngesimo sezokuphepha emigwaqweni, selokhu kuqale isikhathi samaholidi.

Ngokusho kukaNkk Creecy, sekwenziwe izivimbamgwaqo eziwu-561 kuzwelonke, kanti izimoto esezimisiwe, zahlolwa zilinganiselwa ku-500 000.

“Asebeboshiwe njengamanje sebengaphezulu kuka-3000,” kusho uCreecy.

Uqhube wathi basakhathazekile ngokuthi abantu abaningi, cishe abangu-941 kulaba asebeboshiwe, babanjwe bedle amponjwana.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...