Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Sekuboshwe abantu abangaphezulu kuka-3000 ngokwephula imithetho yomgwaqo

Sekuboshwe abantu abangaphezulu kuka-3000 ngokwephula imithetho yomgwaqo

by | 19 December 2024

YINQWABA yabantu esiboshwe ngamaphoyisa emigwaqweni yakuleli ngokushayela idle amponjwana, nokuhamba ngesivinini esiphezulu ngokweqile selokhu kuqale amaholidi okuphela konyaka.

Lokhu kuvezwe nguNkk Barbara Creecy onguNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke ngoLwesine ngesikhathi ethula umbiko ngesimo sezokuphepha emigwaqweni, selokhu kuqale isikhathi samaholidi.

Ngokusho kukaNkk Creecy, sekwenziwe izivimbamgwaqo eziwu-561 kuzwelonke, kanti izimoto esezimisiwe, zahlolwa zilinganiselwa ku-500 000.

“Asebeboshiwe njengamanje sebengaphezulu kuka-3000,” kusho uCreecy.

Uqhube wathi basakhathazekile ngokuthi abantu abaningi, cishe abangu-941 kulaba asebeboshiwe, babanjwe bedle amponjwana.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...