Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ikhomishini yamalungelo abantu nesexwayiso ngelungelo lokubeka umbono

Ikhomishini yamalungelo abantu nesexwayiso ngelungelo lokubeka umbono

by | 19 August 2025

IKHOMISHINI yamaLungelo abaNtu eNingizimu Afrika yexwayisa umphakathi ngokuthi nakuba bonke abantu benelungelo lokukhuluma, baveze imibono noma imizwa yabo, kodwa nalelo lungelo linomkhawulo.

Yexwayisa nangokuthi inkulumo enenzondo kayivumelekile ngokoMthetho wezokuLingana (Equality Act), nangokoMthetho wokuVimbela nokuLwa namaCala eNzondo neziNkulumo ezineNzondo ka-2023.

Kuvamile ukuthi abantu baphawule noma kanjani ezinkundleni zokuxhumana. Abanye baze bakhulume amagama alumelayo, bachaphe abanye ngenhlamba. Le khomishini ikhiphe lesi sixwayiso esimemezelweni sayo mayelana nophenyo esiluqalile ngoNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, uMnu Gayton McKenzie, osolwa ngezinkulumo ezilumelayo, ezihambisana nokucwasa.

UMcKenzie ungene otalatiyeni emuva kokuvundululwa kwemibhalo yakhe ayifaka enkundleni iX eminyakeni edlule, lapho asebenzisa khona igama lokucwasa abamnyama elingavumelekile, elithi ikhafula. Usolwa nangokucwasa ngokobuzwe.

Emuva kokuvela kwalezo zinkulumo zakhe, kuqubuke umsindo abantu bemsola ngokucwasa, abanye bethi uMengameli Cyril Ramaphosa makamxoshe esikhundleni sobungqongqoshe.

Abanye – okubalwa kubo namaqembu epolitiki – bafake izikhalazo kule khomishini, yazemukela, njengoba isiqale lolu phenyo. Ithi-ke emuva kokucubungula leyo mibhalo kaMcKenzie – ibone ukuthi amazwi akhe abonakala enokwephula izingxenye zoMthetho wezokuLingana ka-2000.

Ibe isimthumelela incwadi enalezi zinsolo abekwe zona. NgoMsombuluko wesonto eledlule, uMcKenzie uxolisile ngalezi zinkulumo zakhe, washo ukuthi waphawula izinto ezinobuwula, futhi ezibuhlungu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...