
UYAVUTHA uSihlalo weKomidi leziMpilo, esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uDkt Imran Keeka, nge-video esabalele esinkundleni zokuxhumana, ekhombisa umhlengikazi wasesibhedlela iKing Dinuzulu, eThekwini, “ehlukumeza” isiguli.
Abantu abawuvali umlomo, babaza isihluku esenziwe yilo mhlengikazi kumuntu ogulayo, oze esibhedlela ngoba efuna ukuyonikwa impilo, nokunakekelwa. Abanye bathi umhlengikazi wayengeke ahlukumeze isiguli singenze lutho, kusho ukuthi “kukhulu esasikwenzile”.
UDkt Keeka uthi bona beyiDemocratic Alliance (DA), lesi sigameko bazosibeka ezithebeni zeSouth African Nursing Council (SANC).
“Sifuna kube nophenyo olunzulu, kungagcinwa ngalo kodwa umhlengikazi athathelwe izinyathelo, angaphinde abe yisisebenzi kunoma yisiphi isikhungo sezempilo. Sifuna futhi kuvulwe icala lokuhlukumeza emaphoyiseni, aboshwe, ukuze nabanye bezofunda isifundo,” kusho uDkt Keeka.
Umnyango wezempilo esifundazweni usukhiphe isitatimende esithi lo mhlengikazi usemisiwe emsebenzini.
“UNgqongqoshe uNomagugu Simelane-Mngadi ufuna umbiko ogcwele kubaphathi besibhedlela lapho lesi sigameko senzeke khona. Ufuna ukwazi ukuthi senzeke nini, nokuthi bona ngesikhathi bezwa ngaso, yiziphi izinyathelo abazithatha.
“UMnyango ngabe awazi ngalesi sigameko ukuba asisabalaliswanga ezinkundleni zokuxhumana. Le nto eyenzeke esibhedlela eKing Dinuzulu, ithele umnyango ngehlazo. Abantu abagulayo bayazwela, futhi badinga ukunakekelwa, hhayi ukuhlukunyezwa,” kusho uMnu Ntokozo Maphisa, okhulumela umnyango.







