Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kumiswe iphoyisa elisolwa ngokuba yisishoshovu sezepolitiki

Kumiswe iphoyisa elisolwa ngokuba yisishoshovu sezepolitiki

by | 3 September 2025

UMKHUZI wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi uyalele uMkhuzi wamaPhoyisa kwisiFunda saseKing Cetshwayo, uMajor-General Sipho Ngubane, ukuba amise ngokushesha iphoyisa lesiteshi samaphoyisa iNtambanana emsebenzini, kuze kuphothulwe uphenyo ngokuzibandakanya kwalo neqembu elithile lezepolitiki.

Ngokombiko ovelayo, leli phoyisa elisesigabeni sikaConstable, kuthiwa liyisishoshovu seqembu lepolitiki elithile, elingeke lidalulwe, kanti kuthiwa selibonakale kakhulu lifake umfaniswano waleli qembu, lizibandakanya nasezinhlelweni zalo, okuyinto ethathwa njengephambene nemigomo yamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthi isigaba-46 somthetho weSouth African Police Service ka-1995, kasivumelani nokwenziwe yileli phoyisa.

“Lo mthetho uvimbela amaphoyisa ukuba aphumele emphakathini, akhombi-se ukuthi ahambisana naliphi iqembu lezepolitiki. “Lokhu kuvimba amaphoyisa ukuba angabonakali nemifaniswano yeqembu; ukuba nesikhundla eqenjini; nokunye okukhombisa ngokusobala ukuthi eseka liphi iqembu.

“Iphoyisa okukhulunywa ngalo kulolu daba, selibonakale kaningi lizibandakanya neqembu. Lesi senzo salo singadicilela phansi isithunzi seqembu nesombutho uqobo,” esho.

Eqhuba, uthe phezu kokuzibandakanya kwaleli phoyisa naleli qembu, kunemibiko eveza ukuthi liphinde libe nenkampani ezimele yonogada, egada abantu ‘abaqavile’, iphinde yenze eminye imisebenzi eyenziwa ngonogada.

“UMkhwanazi uzophinde axhumane nethimba elibhekelele ukusebenza kwezinkampani zonogada iPsira, ukuze liphenye le mibiko. Lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi umthetho kawuvumi ukuba amaphoyisa azibandakanye namabhizinisi afana nezinkampani zonogada, amatekisi noma endawo yokucima ukoma.

“Siyacela namalungu omphakathi ukuba aphumele obala, abike uma kunamaphoyisa azibandakanya nepolitiki noma nalawa mabhizinisi,” kuphetha uNetshiunda.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...