Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kumiswe iphoyisa elisolwa ngokuba yisishoshovu sezepolitiki

Kumiswe iphoyisa elisolwa ngokuba yisishoshovu sezepolitiki

by | 3 September 2025

UMKHUZI wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi uyalele uMkhuzi wamaPhoyisa kwisiFunda saseKing Cetshwayo, uMajor-General Sipho Ngubane, ukuba amise ngokushesha iphoyisa lesiteshi samaphoyisa iNtambanana emsebenzini, kuze kuphothulwe uphenyo ngokuzibandakanya kwalo neqembu elithile lezepolitiki.

Ngokombiko ovelayo, leli phoyisa elisesigabeni sikaConstable, kuthiwa liyisishoshovu seqembu lepolitiki elithile, elingeke lidalulwe, kanti kuthiwa selibonakale kakhulu lifake umfaniswano waleli qembu, lizibandakanya nasezinhlelweni zalo, okuyinto ethathwa njengephambene nemigomo yamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthi isigaba-46 somthetho weSouth African Police Service ka-1995, kasivumelani nokwenziwe yileli phoyisa.

“Lo mthetho uvimbela amaphoyisa ukuba aphumele emphakathini, akhombi-se ukuthi ahambisana naliphi iqembu lezepolitiki. “Lokhu kuvimba amaphoyisa ukuba angabonakali nemifaniswano yeqembu; ukuba nesikhundla eqenjini; nokunye okukhombisa ngokusobala ukuthi eseka liphi iqembu.

“Iphoyisa okukhulunywa ngalo kulolu daba, selibonakale kaningi lizibandakanya neqembu. Lesi senzo salo singadicilela phansi isithunzi seqembu nesombutho uqobo,” esho.

Eqhuba, uthe phezu kokuzibandakanya kwaleli phoyisa naleli qembu, kunemibiko eveza ukuthi liphinde libe nenkampani ezimele yonogada, egada abantu ‘abaqavile’, iphinde yenze eminye imisebenzi eyenziwa ngonogada.

“UMkhwanazi uzophinde axhumane nethimba elibhekelele ukusebenza kwezinkampani zonogada iPsira, ukuze liphenye le mibiko. Lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi umthetho kawuvumi ukuba amaphoyisa azibandakanye namabhizinisi afana nezinkampani zonogada, amatekisi noma endawo yokucima ukoma.

“Siyacela namalungu omphakathi ukuba aphumele obala, abike uma kunamaphoyisa azibandakanya nepolitiki noma nalawa mabhizinisi,” kuphetha uNetshiunda.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...