Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bafuna axoshwe ungqongqoshe othuke ilungu lomphakathi

Bafuna axoshwe ungqongqoshe othuke ilungu lomphakathi

by | 11 September 2026

KUGXEKWE ungqongqoshe ngokuhluleka wukuziphatha nangokuthuka ilungu lomphakathi walibiza ngaphansi kwesiketi sikanina.

UNgqongoshe wezaManzi nokuQoqwa kweNdle uNkk Pemmy Majodina ushaqise abaningi ebiza ilungu lomphakathi ngokungaphansi kwesiketi sikanina.

UMajodina ubeyingxenye yomhlangano womphakathi endaweni yaseKouga esifundazweni iWestern Cape lapho bekudingidwa khona ngezinkinga lo mphakathi obhekene nawo ngasohlangothini lwamanzi nokuqoqwa kwendle.

Kubikwa ukuthi kulo mhlangano amalungu omphakathi azwakalise ukungenami ngendlela uhulumeni asingatha ngayo le nkinga obhekene nayo.

Ngokubika kwe-eNCA kube nelungu lomphakathi elikhulume lingakhonjwanga lasho izinkulumo ezinenge ungqongqoshe. Leli lungu libe selikhishelwa ngaphandle kulo mhlangano.

Ngesikhathi likhishwa leli lungu okuvele ukuthi liphila nokukhubazeka belisaqhubeka nokukhuluma njengoba lizwakale lizwakale libiza uMajodina ngaphansi kwesiketi sikanina (jou ma se) lisebenzisa ulimi lwesiBhunu.

Kuthiwa noNgqongqoshe naye akazibekanga phansi njengoba naye phendule ngokufana ezwakala ethi “Phuma! Jou ma se ook.”

I-video yalesi sigameko isabalale ezinkundleni zokuxhumana abantu baphawula ngezindlela ezahlukene ngayo.

Abanye basole ungqongqoshe ngokuhluleka wukuziphatha njengomholi abanye bameseka ngokuthi ilungu lomphakathi elimsukelile.

Amaqembu ezepolitiki okubalwa iDA ne-ActionSA nenhlanganoi-AfriForum asigxekile lesi senzo sikaMajodina njengoba i-DA ikubeke kwacaca ukuthi izofaka isimangalo esisemthethweni.

I-AfriForum ithe ifuna akhonjwe indlela uMajodina ngokuziphatha kwakhe.

Lesi sigameko siza ngemuva kwamasonto omunye wabaholi be-ANC iMeya yaseJohannesburg uMnu Dada Morero etshele elinye ilungu lomphakathi ukthi likhuluma amas* (Ubuwa mas*****) ngesiSotho.

UMorero wagcina ngokuxolisa ngale nkulumo yakhe. Ngesikhathi sokuloba uMajodina noma i-ANC okuyiqembu lakhe bebengakaphawuli ngalesi sigameko esenzeke ngoLwesine.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...