Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuchithwa eyokuhlukumezeka kweziboshwa ejele laseWestvile

Kuchithwa eyokuhlukumezeka kweziboshwa ejele laseWestvile

by | 20 March 2025

INHLANGANO elwela amalungelo abantu iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) ithi igculisekile ngesimo esifice ejele laseWestville ngesikhathi ilivakashele, ngoLwesibili.

Lokhu kuvezwe wumbiko okhishwe yisikhulu esiphezulu sale nhlangano, uNkz Philile Ntuli. Ukuvakasha kwale nhlangano kuza ngemuva kokuvela kwezikhalo zokungagculiseki kweziboshwa ngendlela okuqhubeka ngayo izinto emajele.

Ngasekupheleni kwenyanga eyedlule, uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo umemezele ukuthi sewulushintshile uhlelo lokudla emajele, wanciphisa izinsuku zokudliwa kwenyama yenkomo, eyenkukhu nenhlanzi. Izikhala zalokhu kudla zivalwe ngobhontshisi, isoya namaqanda.

Umnyango uveze ukuthi ukushitsha kwalolu hlelo akungoba ushodelwa yimali, kodwa uzama izindlela zokonga nokuguqula izinto. Uthe lolu hlelo luzokonga imali engaphezu kuka-R200 million ngonyaka.

UNkz Ntuli uthi bahlole izintoi eziningi ebekukhalwa ngazo, bathola ukuthi ijele liphethwe kahle, ikakhulukazi ohlangothini lwabesifazane neziboshwa ezincane.

“Imibiko beyithi iziboshwa ziyahlukumezeka, nesimo senhlalo kasisihle. Esikutholile ukuthi amalungelo azo kawahlukunyezwa, ikakhukazi lelo lamanzi ahlanzekile, ukudla okuhlanzekile, nelokuhlala endaweni ehlanzekile futhi ephephile. Ubudlelwano beziboshwa nojele buhle kakhulu,” esho.


Uthi zikhona izinkinga abazificile kodwa kaziwahlukumezi amalungelo eziboshwa. Phakathi kwazo wukugqoza kokubuya kwezimpendulo zamacala aphenywa yi-Ipid avulwe yiziboshwa, nemidonsiswano ephakathi kwazo nabammeli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...