Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuchithwa eyokuhlukumezeka kweziboshwa ejele laseWestvile

Kuchithwa eyokuhlukumezeka kweziboshwa ejele laseWestvile

by | 20 March 2025

INHLANGANO elwela amalungelo abantu iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) ithi igculisekile ngesimo esifice ejele laseWestville ngesikhathi ilivakashele, ngoLwesibili.

Lokhu kuvezwe wumbiko okhishwe yisikhulu esiphezulu sale nhlangano, uNkz Philile Ntuli. Ukuvakasha kwale nhlangano kuza ngemuva kokuvela kwezikhalo zokungagculiseki kweziboshwa ngendlela okuqhubeka ngayo izinto emajele.

Ngasekupheleni kwenyanga eyedlule, uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo umemezele ukuthi sewulushintshile uhlelo lokudla emajele, wanciphisa izinsuku zokudliwa kwenyama yenkomo, eyenkukhu nenhlanzi. Izikhala zalokhu kudla zivalwe ngobhontshisi, isoya namaqanda.

Umnyango uveze ukuthi ukushitsha kwalolu hlelo akungoba ushodelwa yimali, kodwa uzama izindlela zokonga nokuguqula izinto. Uthe lolu hlelo luzokonga imali engaphezu kuka-R200 million ngonyaka.

UNkz Ntuli uthi bahlole izintoi eziningi ebekukhalwa ngazo, bathola ukuthi ijele liphethwe kahle, ikakhulukazi ohlangothini lwabesifazane neziboshwa ezincane.

“Imibiko beyithi iziboshwa ziyahlukumezeka, nesimo senhlalo kasisihle. Esikutholile ukuthi amalungelo azo kawahlukunyezwa, ikakhukazi lelo lamanzi ahlanzekile, ukudla okuhlanzekile, nelokuhlala endaweni ehlanzekile futhi ephephile. Ubudlelwano beziboshwa nojele buhle kakhulu,” esho.


Uthi zikhona izinkinga abazificile kodwa kaziwahlukumezi amalungelo eziboshwa. Phakathi kwazo wukugqoza kokubuya kwezimpendulo zamacala aphenywa yi-Ipid avulwe yiziboshwa, nemidonsiswano ephakathi kwazo nabammeli.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...