Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bafuna kuthathwe izinyathelo ngezinsolo zikaMkhwanazi

Bafuna kuthathwe izinyathelo ngezinsolo zikaMkhwanazi

by | 6 July 2025


IYAKHULA ingcindezi kuMengameli Cyril Ramaphosa ukuba athathe izinyathelo kulandela isigcwawu sabezindaba soMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi ngoSonto, lapho esole khona izikhulu zikahulumeni ngenkohlakalo.


Phakathi kwabantu abasolile uMkhwanazi nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu noLt-Gen Shadrack Sibiya oyiDeputy National Commissioner for Crime Detection, abasola ngokugxambukela emsebenzini wamaphoyisa nokuvikela abasolwa abasezikhundleni eziphezulu kwipolitiki engalweni yomthetho. Usole nophiko lwezokushushisa iNPA ngokuvikela izigilamkhuba.


USibiya, engxoxweni neSABC, uziphikile izinsolo zikaMkhwanazi, wathi usazoziphendula zonke uma esethole ithuba lokubuyekeza kahle inkulumo yakhe (uNdonga).


I-Action SA ithi isibhalele uSomlomo wePhalamende uNkk Thoko Didiza, inxusa ukuba kudingidwe udaba lwenkohlakalo embuthweni wamaphoyisa ethi ukhinyabeza imizamo yokulwa nokugebengu obudlangile ezweni.


UMnu Ian Cameron (weDA), ongusihlalo wekomiti elibhekelele ukusebenza kwamaphoyisa ePhamalende, uthi kuyashaqisa okushiwo nguNdonga, futhi uMchunu kuzomele asheshe aphawule ngakho ukuvuselela ukwethembeka kwakhe emphakathini.


UMnu Makashule Gana weRise Mzansi uthi uRamaphosa uma ebuya engqungqutheleni yeBrics enamuhla nakusasa eBrazil, into yokuqala okumele ayenze wukukhuluma nezwe ngalolu daba.


UMnu Mpho Kwinika, we-Independent Policing Union of South Africa, unxuse uMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uGen Fannie Masemola ukuphumela obala, aqinisekise izwe ukuthi konke kusahamba kahle embuthweni wamaphoyisa iSAPS.


I-MK Part ne-EFF ngezinye zezinhlangano ezifuna kuthathwe izinyathelo ngenkulumo kaMkhwanazi.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...