
IYAKHULA ingcindezi kuMengameli Cyril Ramaphosa ukuba athathe izinyathelo kulandela isigcwawu sabezindaba soMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi ngoSonto, lapho esole khona izikhulu zikahulumeni ngenkohlakalo.
Phakathi kwabantu abasolile uMkhwanazi nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu noLt-Gen Shadrack Sibiya oyiDeputy National Commissioner for Crime Detection, abasola ngokugxambukela emsebenzini wamaphoyisa nokuvikela abasolwa abasezikhundleni eziphezulu kwipolitiki engalweni yomthetho. Usole nophiko lwezokushushisa iNPA ngokuvikela izigilamkhuba.
USibiya, engxoxweni neSABC, uziphikile izinsolo zikaMkhwanazi, wathi usazoziphendula zonke uma esethole ithuba lokubuyekeza kahle inkulumo yakhe (uNdonga).
I-Action SA ithi isibhalele uSomlomo wePhalamende uNkk Thoko Didiza, inxusa ukuba kudingidwe udaba lwenkohlakalo embuthweni wamaphoyisa ethi ukhinyabeza imizamo yokulwa nokugebengu obudlangile ezweni.
UMnu Ian Cameron (weDA), ongusihlalo wekomiti elibhekelele ukusebenza kwamaphoyisa ePhamalende, uthi kuyashaqisa okushiwo nguNdonga, futhi uMchunu kuzomele asheshe aphawule ngakho ukuvuselela ukwethembeka kwakhe emphakathini.
UMnu Makashule Gana weRise Mzansi uthi uRamaphosa uma ebuya engqungqutheleni yeBrics enamuhla nakusasa eBrazil, into yokuqala okumele ayenze wukukhuluma nezwe ngalolu daba.
UMnu Mpho Kwinika, we-Independent Policing Union of South Africa, unxuse uMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uGen Fannie Masemola ukuphumela obala, aqinisekise izwe ukuthi konke kusahamba kahle embuthweni wamaphoyisa iSAPS.
I-MK Part ne-EFF ngezinye zezinhlangano ezifuna kuthathwe izinyathelo ngenkulumo kaMkhwanazi.







