Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sekusuke okunye ukukhuluma nendaba yamaSeta

Sekusuke okunye ukukhuluma nendaba yamaSeta

by | 21 August 2025

NGUNGQONGQOSHE wezeMfundo ePhakeme, uMnu Buti Manamela.


KUBUKEKA usazoqhubeka umsindo ngendaba yeSector Education and Training Authority (Seta), njengoba sekuqubuke okunye futhi ukukhuluma.

Ukukhuluma kwakamuva kuqutshulwe yisinqumo sikaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMnu Buti Manamela, sokuqoka abalawuli abathathu bamaSeta angenzi kahle.

UManamela uqoke uMnu Oupa Nkoane esikhundleni sokuba ngumlawuli weConstruction Seta, uMnu Lehlohonolo Masoga kwesokuba ngumlawuli weServices Seta, kanye noMnu Zukile Mvalo kwesokuba ngumlawuli weLocal Government SETA (LGSETA).

Lesi sinqumo sikaManamela sisheshe sagxekwa ngamaqembu aphikisayo, kangangokuba iDemocratic Alliance (DA) ifuna ukuba asibuyekeze isinqumo sakhe. La maqembu akhala ngokuthi laba bantu abaqokwe nguManamela kunephunga lenkohlakalo elibalandelayo – ngakho akulungile ukuthi kungaqokwa abantu abanjalo ukuba balungise umonakalo kumaSeta.

NgoLwesibili, uNkz Karabo Khakhau oyilungu leDA, ePhalamende, ubhalele uManamela incwadi, lapho ebalule khona izizathu zokuthi kungani kufanele asibuyekeze isinqumo sakhe.

Kule ncwadi uyachaza ukuthi uNkoane owayeyimenenja kuMasipala waseMfuleni, eGauteng, uthinteka embikweni wophenyo enkohlakalweni ka-R872 million, eyenzeka kulo masipala. Uqhuba achaze ukuthi uMasoga ongusopolitiki oyilungu eliqavile le-ANC, eLimpopo, futhi owake waba ngungqongqoshe wezemiGwaqo nezokuThutha eLimpopo, futhi waba yisekela likasomlomo esishayamthetho sesifundazwe, elakhe igama livela embikweni wophenyo ngenkohlakalo ka-R4,4 million, okusolwa ukuthi yenzeka ngesikhathi eyisikhulu esiphezulu seMusina Makhado Special Economic Zone.

UNkz Khakhau utshele uManamela ukuthi abalawuli kumele kube ngabantu abangenachashaza elingcolisa isithunzi sabo. Uthe akumele kube ngabantu abathinteka ezenzweni zenkohlakalo nokukhwabanisa.

Unxuse uManamela ukuba asihoxise lesi sinqumo sakhe sokuqoka laba balawuli. Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu Manamela usanda kuqokwa nguMengameli uCyril Ramaphosa ukuba aphathe lo mnyango emuva kokuxoshwa kukaDkt Nobuhle Nkabane.

UDkt Nkabane waxoshwa emuva komsindo omkhulu owaqubuka ngesikhathi eqoka “amaqabane”, ezowafaka ezikhundleni zosihlalo bamaSeta. Kulabo ayebaqokile, kwakukhona nendodana kaMnu Gwede Mantashe, uMnu Buyambo Mantashe.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...