Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sekusuke okunye ukukhuluma nendaba yamaSeta

Sekusuke okunye ukukhuluma nendaba yamaSeta

by | 21 August 2025

NGUNGQONGQOSHE wezeMfundo ePhakeme, uMnu Buti Manamela.


KUBUKEKA usazoqhubeka umsindo ngendaba yeSector Education and Training Authority (Seta), njengoba sekuqubuke okunye futhi ukukhuluma.

Ukukhuluma kwakamuva kuqutshulwe yisinqumo sikaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMnu Buti Manamela, sokuqoka abalawuli abathathu bamaSeta angenzi kahle.

UManamela uqoke uMnu Oupa Nkoane esikhundleni sokuba ngumlawuli weConstruction Seta, uMnu Lehlohonolo Masoga kwesokuba ngumlawuli weServices Seta, kanye noMnu Zukile Mvalo kwesokuba ngumlawuli weLocal Government SETA (LGSETA).

Lesi sinqumo sikaManamela sisheshe sagxekwa ngamaqembu aphikisayo, kangangokuba iDemocratic Alliance (DA) ifuna ukuba asibuyekeze isinqumo sakhe. La maqembu akhala ngokuthi laba bantu abaqokwe nguManamela kunephunga lenkohlakalo elibalandelayo – ngakho akulungile ukuthi kungaqokwa abantu abanjalo ukuba balungise umonakalo kumaSeta.

NgoLwesibili, uNkz Karabo Khakhau oyilungu leDA, ePhalamende, ubhalele uManamela incwadi, lapho ebalule khona izizathu zokuthi kungani kufanele asibuyekeze isinqumo sakhe.

Kule ncwadi uyachaza ukuthi uNkoane owayeyimenenja kuMasipala waseMfuleni, eGauteng, uthinteka embikweni wophenyo enkohlakalweni ka-R872 million, eyenzeka kulo masipala. Uqhuba achaze ukuthi uMasoga ongusopolitiki oyilungu eliqavile le-ANC, eLimpopo, futhi owake waba ngungqongqoshe wezemiGwaqo nezokuThutha eLimpopo, futhi waba yisekela likasomlomo esishayamthetho sesifundazwe, elakhe igama livela embikweni wophenyo ngenkohlakalo ka-R4,4 million, okusolwa ukuthi yenzeka ngesikhathi eyisikhulu esiphezulu seMusina Makhado Special Economic Zone.

UNkz Khakhau utshele uManamela ukuthi abalawuli kumele kube ngabantu abangenachashaza elingcolisa isithunzi sabo. Uthe akumele kube ngabantu abathinteka ezenzweni zenkohlakalo nokukhwabanisa.

Unxuse uManamela ukuba asihoxise lesi sinqumo sakhe sokuqoka laba balawuli. Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu Manamela usanda kuqokwa nguMengameli uCyril Ramaphosa ukuba aphathe lo mnyango emuva kokuxoshwa kukaDkt Nobuhle Nkabane.

UDkt Nkabane waxoshwa emuva komsindo omkhulu owaqubuka ngesikhathi eqoka “amaqabane”, ezowafaka ezikhundleni zosihlalo bamaSeta. Kulabo ayebaqokile, kwakukhona nendodana kaMnu Gwede Mantashe, uMnu Buyambo Mantashe.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...