Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bafuna ukuhlaza elakuleli kwawomhlaba ngombhikisho

Bafuna ukuhlaza elakuleli kwawomhlaba ngombhikisho

by | 19 November 2025

UKHULA ngesivinini umkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane ofuqwa yiWomen For Change, ngenhloso yokuhlonipha izisulu nokugqugquzela abahlukumezekayo, ukuphumela obala.

Le nhlangano ihlela imashi ezifundazweni ezahlukene eNingizimu Afrika nokubekwa phansi kwamathuluzi ngoLwesihlanu kusukela ngo-12h00 emini kuya ku-13h00, ngenhloso yokuweseka.

Ezinsukwini ezedlule izakhamizi zakuleli bezilokhu zinxenxwa ukushintsha izithombe eziphambili emakhasini azo ezinkundleni zokuxhumana (profile pictures), zifake umbala obukhwebelezane (purple) – ngenhloso yokweseka izisulu zokuhlukunyezwa. Abalo mkhankaso bathi bafuna uhulumeni uyithathele phezulu eyesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane.

USiyamthanda “Siya” Kolisi, ongukaputeni wamaBhokobhoko, ungomunye wosaziwayo abahlabe ikhwelo lokweseka lo mkhankaso. Uthi isizwe sikwejwayele ukugqoka umbala oluhlaza ukweseka AmaBhokobhoko, kodwa ngoLwesihlanu, sonke masigqoke umbala o-purple.

“Ngifisa ukunxusa abantu ukweseka lo mkhankaso. Lena yinkinga eseyithathe iminyaka eminingi ikhona. Ungalindi kuze kube ngumuntu wakini noma omaziyo ngaphambi kokuthi kube khona okwenzayo. Sinejoka lokuvikela izingane nabesifazane. Ziningi izinkinga ezikhona ezweni lethu, kepha kasibumbene ngokobulili.

“Ngime nabesifazane kulolu daba. Sekuyisikhathi sokuba amadoda akhulume nawo, kusuka kwabakwezemidlalo, kuya ebantwini emphakathini. Nganakekelwa ngabesifazane ngisemncane, bangikhulisa, bangenza le ndoda engiyiyona namhlanje,” esho ekhasini lakhe lezokuxhumana le-Instagram.

Le mashi ebizwa ngeG20 Women’s March, iqondaniswe nosuku lokuvulwa komhlangano wamazwe awu-20 amakhulu kwe-zomnotho, okuwuLwesihlanu, eGoli. Inhloso wukuthi abaholi abazobe behambele lo mhlangano – ozokuba ngoMgqibelo nangeSonto – babone ingqinamba ebhekene nezwe abalivakashele.

“Ngeke sivume iNingizimu Afrika izibeke njengezwe elinozinzo futhi elinomnotho okhulayo, kube kubulawa abesifazane kulona. IG20 Women’s Shutdown, iwumyalezo oqonde emhlabeni jikelele, wokuthi ngeke ukwazi ukukhuluma ngenqubekela phambili kube kufa abesifazane,” kusho iWomen For Change.

*Ukwesekwa lo mkhankaso nakhu ongakwenza:
– Gqoka umbala o-purple ngoLwesihlanu;
– Hlala ungenzi lutho lapho ozobe ukhona, kungaba yisekhaya, ehhovisi, engadini, esikoleni, e-mall noma epaki ngehora lemashi;
– Ungamasha ngokuthula lapho kuzobe kuhlangenwe khona.

tzondi@ilanga-news.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...