Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuphazamiseke ukulalelwa sesicelo sebheyili ummeli engaziwa

Kuphazamiseke ukulalelwa sesicelo sebheyili ummeli engaziwa

by | 13 January 2025

KUPHAZAMISEKE kancane ukulalelwa kwesicelo sebheyili sowesilisa osolwa ngelokubulala amantombazane amabili eyangabangani uNkz Zizipho Gabhisa noNkz Anele Mbokazi ngoMsombuluko yeMantshi eThekwini.

Ukungabibikho kukammeli kaMnu Lungani Mthethwa (38) enkolantolo, kuphoqe ukuba inkantolo iguqe isikhashana esingangehora ukunikeza uMthethwa isikhathi sokuxhumana nommeli wakhe.

UMthethwa ubhekene necala lokubulala laba besifazane ababengabangani, izidumbu zabo ezatholwa zinamanxeba okudutshulwa eKenville eThekwimi ngonyaka odlule.

Ebuzwa uMthethwa enkantolo ukuthi ummeli wakhe ukuphi, uphendule ngokuthi ubengakaze axhumane naye futhi akamazi ukuphi.

Ube esecela inkantolo ukuba imnikeze ithuba lokushayela ummeli wakhe ngoba ethi kungenzeka ubanjwe yisiminyaminya sezimoto emgwaqweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMthethwa wayeboshwe nomngani wakhe uMnu Sandile Chili, yena amacala akhe ahoxiswa ngoDecember wabe esephenduka ufakazi wombuso.

NgoMsombuluko kulindeleke ukuba uMthethwa afake isicelo sebheyili kwazise phambilini wakulaxaza ukusifaka.

Njengokujwayelekile ume kungena leli cala inkantolo igcwele abangani nezihlobo zabafi abafuna ukuzozizwela ukuthi kuqhubekani.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...