Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuphazamiseke ukulalelwa sesicelo sebheyili ummeli engaziwa

Kuphazamiseke ukulalelwa sesicelo sebheyili ummeli engaziwa

by | 13 January 2025

KUPHAZAMISEKE kancane ukulalelwa kwesicelo sebheyili sowesilisa osolwa ngelokubulala amantombazane amabili eyangabangani uNkz Zizipho Gabhisa noNkz Anele Mbokazi ngoMsombuluko yeMantshi eThekwini.

Ukungabibikho kukammeli kaMnu Lungani Mthethwa (38) enkolantolo, kuphoqe ukuba inkantolo iguqe isikhashana esingangehora ukunikeza uMthethwa isikhathi sokuxhumana nommeli wakhe.

UMthethwa ubhekene necala lokubulala laba besifazane ababengabangani, izidumbu zabo ezatholwa zinamanxeba okudutshulwa eKenville eThekwimi ngonyaka odlule.

Ebuzwa uMthethwa enkantolo ukuthi ummeli wakhe ukuphi, uphendule ngokuthi ubengakaze axhumane naye futhi akamazi ukuphi.

Ube esecela inkantolo ukuba imnikeze ithuba lokushayela ummeli wakhe ngoba ethi kungenzeka ubanjwe yisiminyaminya sezimoto emgwaqweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMthethwa wayeboshwe nomngani wakhe uMnu Sandile Chili, yena amacala akhe ahoxiswa ngoDecember wabe esephenduka ufakazi wombuso.

NgoMsombuluko kulindeleke ukuba uMthethwa afake isicelo sebheyili kwazise phambilini wakulaxaza ukusifaka.

Njengokujwayelekile ume kungena leli cala inkantolo igcwele abangani nezihlobo zabafi abafuna ukuzozizwela ukuthi kuqhubekani.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...