Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ‘INingizimu Afrika ngeke iyeke ukulungisa ukungalingani okwadalwa wubandlululo’

‘INingizimu Afrika ngeke iyeke ukulungisa ukungalingani okwadalwa wubandlululo’

by | 6 August 2025


UNOBHALA-JIKELELE we-ANC uMnu Fikile Mbalula uthi iNingizimu Afrika ngeke iyeke ukusebenzisa imigomo okuhloswe ngayo ukulungisa ukungalingani ngokomnotho okwadalwa wuhulumeni wengcindezelo, ngenxa yokwesaba unswinyo lwezohwebo.

UMbabula ukusho lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba mayelana neziphumo zomhlangano wesingu esiphazulu se-ANC obungempelasonto. Uthi iqembu lakhe ngeke livume ukwesatshisa yingcindezi yamazwe amakhulu ngokomnotho anjengeMelika.

“Ngeke sivumele ongxiwankulu ukuthi babukele phansi intando yeningi yethu nokuzimela kukahulumeni waseNingizimu Afrika. Uma kumele sithole unswinyo njengabaholi be-ANC, ngenxa yalokhu, akube njalo.

“Lokhu kwenzeka ngesikhathi somzabalazo wenkululeko, futhi kusangenzeka namanje. Ngeke siyekelele izwe lethu esalilwela ukuze likhululeke. Uma befuna ukusinswinya, abenze abakubonayo,” esho.

INingizimu Afrika ibhekene nenselelo yonswinyo lokwenyuswa ngo-30% kwezindleko zokungenisa imikhiqizo yakuleli emakethe yaseMelika, okubhekwe ukuthi luqale ukusebenza ngoLwesine.

UMengameli waseMelika uMnu Donald Trump usekhulume kaningi egxeka uhulumeni wakuleli, ewusola ngokubulawa kwabalimi nokucindezela kwabamhlophe ngemigomo nemithetho okubalwa kuyona nothinta ukudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.

UMbalula uthe unethemba lokuthi umnotho waseNingizimu Afrika uzokwazi ukumelana nanoma yiyiphi inselelo.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...