Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ‘INingizimu Afrika ngeke iyeke ukulungisa ukungalingani okwadalwa wubandlululo’

‘INingizimu Afrika ngeke iyeke ukulungisa ukungalingani okwadalwa wubandlululo’

by | 6 August 2025


UNOBHALA-JIKELELE we-ANC uMnu Fikile Mbalula uthi iNingizimu Afrika ngeke iyeke ukusebenzisa imigomo okuhloswe ngayo ukulungisa ukungalingani ngokomnotho okwadalwa wuhulumeni wengcindezelo, ngenxa yokwesaba unswinyo lwezohwebo.

UMbabula ukusho lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba mayelana neziphumo zomhlangano wesingu esiphazulu se-ANC obungempelasonto. Uthi iqembu lakhe ngeke livume ukwesatshisa yingcindezi yamazwe amakhulu ngokomnotho anjengeMelika.

“Ngeke sivumele ongxiwankulu ukuthi babukele phansi intando yeningi yethu nokuzimela kukahulumeni waseNingizimu Afrika. Uma kumele sithole unswinyo njengabaholi be-ANC, ngenxa yalokhu, akube njalo.

“Lokhu kwenzeka ngesikhathi somzabalazo wenkululeko, futhi kusangenzeka namanje. Ngeke siyekelele izwe lethu esalilwela ukuze likhululeke. Uma befuna ukusinswinya, abenze abakubonayo,” esho.

INingizimu Afrika ibhekene nenselelo yonswinyo lokwenyuswa ngo-30% kwezindleko zokungenisa imikhiqizo yakuleli emakethe yaseMelika, okubhekwe ukuthi luqale ukusebenza ngoLwesine.

UMengameli waseMelika uMnu Donald Trump usekhulume kaningi egxeka uhulumeni wakuleli, ewusola ngokubulawa kwabalimi nokucindezela kwabamhlophe ngemigomo nemithetho okubalwa kuyona nothinta ukudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.

UMbalula uthe unethemba lokuthi umnotho waseNingizimu Afrika uzokwazi ukumelana nanoma yiyiphi inselelo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...