Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bagixabezwe ngodilikajele neminyaka ewu-10 ngamunye

Bagixabezwe ngodilikajele neminyaka ewu-10 ngamunye

by | 29 May 2025

BAGIXABEZWE ngodilikajele neminyaka ewu-10, umuntu ngamunye abasolwa abathathu abalahlwe yicala lokunyamalala kwentombazanyana eyayineminyaka ewu-6, uJoshlin Smith.

Laba abathathu okungunina kaJoshlin, uKelly Smith, yisoka lakhe uJacquen Appollis nomngani wesoka lakhe uSteveno Van Rhyn, bagwetshwe yiNkantolo eNkulu yase-Western Cape, ebeyihleli ehholo lomphakathi eSaldanha Bay. Laba bebelahlwe amacala amabili okungelokuthumba nelokushushumbisa abantu kulandela ukunyamalala kuka-Joshlin owanyamalala ngoFebruary wonyaka owedlule.

Likhipha isigwebo ijaji uNathan Erasmus, likhale ngesihluku esenziwe abammangalelwa nokungakhombisi ukuzisola ngisho sekuqhubeka icala enkantolo. Ube eseveza ukuthi amagama alaba azofakwa ohlwini labahlukumeza izingane iChild Protection Register.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...