Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bagixabezwe ngodilikajele neminyaka ewu-10 ngamunye

Bagixabezwe ngodilikajele neminyaka ewu-10 ngamunye

by | 29 May 2025

BAGIXABEZWE ngodilikajele neminyaka ewu-10, umuntu ngamunye abasolwa abathathu abalahlwe yicala lokunyamalala kwentombazanyana eyayineminyaka ewu-6, uJoshlin Smith.

Laba abathathu okungunina kaJoshlin, uKelly Smith, yisoka lakhe uJacquen Appollis nomngani wesoka lakhe uSteveno Van Rhyn, bagwetshwe yiNkantolo eNkulu yase-Western Cape, ebeyihleli ehholo lomphakathi eSaldanha Bay. Laba bebelahlwe amacala amabili okungelokuthumba nelokushushumbisa abantu kulandela ukunyamalala kuka-Joshlin owanyamalala ngoFebruary wonyaka owedlule.

Likhipha isigwebo ijaji uNathan Erasmus, likhale ngesihluku esenziwe abammangalelwa nokungakhombisi ukuzisola ngisho sekuqhubeka icala enkantolo. Ube eseveza ukuthi amagama alaba azofakwa ohlwini labahlukumeza izingane iChild Protection Register.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...