Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ithi yayithunjwe ‘yishende’ inkosikazi kamfundisi

Ithi yayithunjwe ‘yishende’ inkosikazi kamfundisi

by | 22 April 2026

UMFUNDISI Bonginkosi Doctor Gumede nenkosikazi yakhe uNkk Thando Precious Gumede, bevathe ezesonto labo lakwaNkonyane.

KUVELE okushaqisayo eNkantolo yeMantshi yaseScottburgh, ngesikhathi uMfundisi Bonginkosi Doctor Gumede (47) waseMahlongwa, eyofaka isicelo sebheyili ngecala lokubulala “ishende lenkosikazi yakhe”.

Esitatimendeni esifundwe nguMshushisi, uNkk T Naidoo enkantolo ngokuboshwa kukaMfu Gumede, kuvele ukuthi uNkk Thando Precious Gumede, watshela amaphoyisa ukuthi umufi uMnu Lungisani Mzimela (42), wayemthumbile ubusuku bonke.

Ngemuva kokudedelwa ngebheyili ka-R3000 kukaMfu Gumede, amakholwa abegcwele inkantolo abambe isiguqo ngaphandle amemukela ngomthandazo. ILANGA lifice inkantolo igcwele phama, kungekho ngisho indawo yokuhlala ngenxa yamakholwa nezihlobo ebeziyolalela isicelo sebheyili sikaMfu Gumede.

Kucace ngesikhathi engena enkantolo eqhamuka esitokisini umfundisi ukuthi lezi zinkumbi ebezisenkantolo ziyele yena, njengoba kuvele kwaquma cishe wonke umuntu obesenkantolo, abanye bebeze baphimise, benxusa uNkulunkulu ukuba abe nomfundisi. Emuva kwesikhashana kudingidwa udaba lwakhe, inkantolo imdedele ngebheyili, kwachwaza ngaphakathi.

Kusukume wonke umuntu wama ngezinyawo, baze bahlaliswa phansi yiphoyisa lasenkantolo njengoba ibingakasukumi imantshi ukukhulula abantu ukuthi basukume bonke, baphume. Ngesikhathi umfowabo kaMfu Gumede nommeli wakhe bephansi phezulu nezinhlelo zokukhokha imali yebheyili, izinkumbi zabantu bezilinde ngaphandle kwenkantolo.

Kuthe uma eqhamuka, kwachwaza. Naye ubejabula, exhawula wonke umuntu, ebonga ukwesekwa kulesi simo abhekene naso. Ubeze asho nokuthi ojele bebemtshela esesesitokisini ukuthi kunezinkumbi zabantu ezimesekayo kuleli cala abhekene nalo. Uthe uma efika esangweni lapho iningi labantu belimi khona, lamamukela maqede laqala iculo lesonto, kwathandazwa imilibe.

Okumangazile nonkosikazi wakhe umfundisi ubekhona enkantolo ehamba neqeqebana labesifazane abemi nalo eceleni kwezinkumbi zabantu ebezilinde umfundisi. Ngesikhathi sekuqala umkhuleko noGumede nabehamba nabo bawujoyinile. Ngesikhathi umfundisi eya esangweni, udlule eduze kwakhe unkosikazi wakhe, bangakhulumisana.

Esicelweni sakhe sebheyili uMfu Gumede, utshele inkantolo ukuthi angakwazi ukukhokha u-R500 uma ededelwa ngebheyili kodwa inkantolo yamdedela ngo-R3000, wawuvuma.
Ngokwesitatimende sikamfundisi, ebesifundwa ngummeli wakhe enkantolo ezikhalela ukuze adedelwe ngebheyili, uveze ukuthi alikho icala asake wagwetshwa kulo phambilini.

“Okunye ukuthi ngisebenzela uMnyango wezeMpilo, njengoba ngingumshayeli wama-ambulensi, futhi nginezingane ezinhlanu engizondlayo nonkosikazi wami, okungendala eneminyaka ewu-16, 14, 8, 4 nomagcino oneminyaka emibili.

“Nangesikhathi ngiboshwa ngaziletha mina emaphoyiseni, angiyona ingozi, ngeke ngilibalekele icala. Ngeke futhi ngibaphazamise ofakazi,” kusho isitatimende sikaMfu Gumede.

IMantshi uNkk E Botha ithe okwenza iyikhuphule imali yebheyili, kungenxa yokuthi icala elibhekene noGumede lingamanye asesigabeni sesithupha samacala anzima. Emibandeleni yebheyili imantshi ithe uMfu Gumede angalubhadi eMahlongwa emzini wakhe, ngoba yilapho kuhleli khona inkosikazi yakhe engufakazi wenkantolo futhi angafonelani naye.

Ithe uzohlala eVerulam nomfowabo, okuyindawo athe yiyona angahlala kuyona. Icala lakhe lizobuyela enkantolo ngoNhlaba (May) njengoba kusazohlolwa isibhamu sakhe, kuqoqwe nobunye ubufakazi kuleli cala.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...