Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izindaba Featured 9 Bagqugquzelwe ukuzigqaja ngobubona abelaphi bendabuko

Bagqugquzelwe ukuzigqaja ngobubona abelaphi bendabuko

by | 1 December 2024

THANDOLUHLE NGUBO

BAGQUGQUZELWE ukuba bazigqaje ngemisebenzi ngeziphiwo zabo abelaphi bendabuku baKwaZulu-Natal, emcimbini wabo obewumhlelwe uDkt Velaphi Bhedlindaba ‘VVO’ Mkhize ngokubambisana nesikole se-Religion Philoisophy and Classics e-University of KwaZulu-Natal. Lo mcimbi obowungoLwesibili, eHoward College, eThekwini bowuhanjelwe yinqwaba yabelaphi bendabuko abavela ezindaweni ezehlukene zesifundazwe, bezobhunga ngezinkinga ezikhungethe umkhakha wabo. Kulo mcimbi uMkhize ngokubambisana nabaholi balesi sikole okungu-Solwazi Simangaliso Khumalo no-Solwazi Herbet Moyo, bethule ngokusemthethweni isifundo i-Ancetral studies esizofundwa ngabafundi balesi sikhungo abenza iziqu ze-Post Diploma, ngaphansi. UMkhize utshele izihambeli ngokubaluleka kokuzigqaja ngomsebenzi wazo nokungathembeli kakhulu kuhulumeni.


“Ngizonixoxela indaba eningayibuzanga. Eminyakeni yami yonke ngenza lo msebenzi, akekho usopolitiki noma isikhulu sikahulumeni ongathi ngake ngafika ngizongqongqoza emnyango waso kukhona engikufunayo, bayazi nabo ukuthi mina ngitholakala eMlambomunye. Asizifundiseni ukuziqhenya ngobizo lwethu ngoba njengoba silapha nje akekho ongathi ngesikhathi ethwasa wayehambisana nohulumeni, ngakho asifunde ukuzimela nokuzenzela singabelaphi bendabuko,” kusho uMkhize.


ILANGA selibike kaningi ngokwethulwa kwezifundo ezizofundwa ngabelaphi bendabuko kulesi sikole. Labika ukuthi lezi zifundo zizofundiswa nguye uMkhize osehlonishwe yiso lesi sikole ngeziqu zobuSolwazi. Embikweni wokugcina, uMkhize watshela leli phephandaba ukuthi usevule isikhwama okuyiso esizofundisa abelaphi bendabuko kulesi sikhungo abafisa ukuzofunda kulesi sikole. NgoLwesibili umemezele ukuthi usefake kuso (isikhwama) imali ewu-R80 000 njengoba ayethembisile. Isenzo sikaMkhize sithakaselwe kakhulu ngoSolwazi besikhungo kanye nabelaphi bendabuko. USolwazi Moyo ululeke abelaphi bendabuko ngokubaluleka kokubambisana. Uthi isikhungo sinesifiso sokuthi ulwazi lokwelapha ngokomdabu lusabalale njengolwabamhlophe.


“Ukwelapho kwabamhlophe kusabalele yonke indawo. Isibonelo nje uma ungena ku-Google ubheka noma yimuphi umuthi wokwelapha uzovela. Nathi ke njengesikhungo esifisa kube njalo nangokwelapha kwendabuko. Yikho sinisondeza, sisondeza nabantu abafana nobaba uMkhize ukuze sifike kulelo zinga,” kusho uMoyo.
Ubonge umnikelo kaMkhize, wabe esenxenxa nabanye abelaphi abangaba namandla ukuba baphonse esivivaneni. Umelaphi wendabuko waseThekwini nonguSihlalo wekomidi labelaphi bendabuko abasebenzisa elicwaninga kabanzi ngamakhambi esintu uMnu Dumisani Mkhwanazi ukushayele inhlombe ukuhlangana kwabelaphi bendabuko ngalolu hlobo.
“Ngiyavumelana nokushiwo uKhabazela ukuba sizigqaje ngokungokwethu. Uma ubuka izikhungo zemfundo zonke izinhlanga zinezihlangano zazo zamasiko nezikolo zazo, kodwa thina kasinakho. Isizathu salokho ukuthi kasizwani sisodwa, siyalwisana sibange iqatha elingenanyama, sibange amathwasa nokunye. Ngikholwa ukuthi ukuze siye phambi kumele sishiye konke ukungezwani, sibambisane sibe umoya munye ukuze siyephambili, singahluki kwezinye izinhlanga,” esho.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...