Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bushiye imibuzo ubufakazi bowe-IDAC kwiMadlanga Commission

Bushiye imibuzo ubufakazi bowe-IDAC kwiMadlanga Commission

by | 24 July 2026

ZIBUKEKA zingasivuni izinto kwiMdlanga Commission of Inquiry, isikhulu esiphezulu se-Investigating Directorate Against Corruption (IDAC), u-Adv Andrea Johnson njengoba le khomishini ilokhu isivumisa izinto esingenzanga kahle kuzona ukuthwesa amacala uLt General Dumisani Khumalo nezinye izikhulu zamaphoyisa.

Lokhu kuza emva kokuthi uKhomishana Sandile Khumalo ebhoboze izimbobo ebufakazini bakhe obubophise uLt General Khumalo ngokuqasha uBregadier Dineo Mokwele ophikweni lweCrime Intelligence.

UKhumalo nezinye izikhulu zamaphoyisa ezinhlanu ziboshelwe ukuthi zaqasha uBegadier Mokwele kungafanele ngoba engenazo iziqu ezimgunyaza ukuthi angaba kulesi sikhundla akusona.

Ukhomishana uKhumalo udonse iCurricullum Vitae kaBregadier Mokwele okuvele ukuthi uneziqu eziveza ukuthi ufunde ngaphezu kwalokhu okulindeleke kumuntu ongangena kulesi sikhundla.

Lokhu kuveze u-Adv Johnson njengomuntu ongawazi nhlobo umsebenzi wakhe njengoba naye egcine esevuma ukuthi bagunyaza ukuboshwa kukaKhumalo yize ayengaziqondi iziqu zikaMokwele.

UKhumalo nezinye izikhulu zamaphoyisa baboshwa emva kwesikhalo esafakwa yilungu lePhalamende leNational Coloured Congress, uMnu Fadiel Adams.

U-Adams wayesola ukuthi ukuqashwa kukaMokwele ukuba nguBregadier weCrime Intelligence kwakuyindlela yokuzama ukugwamanda amandla alolu phiko okwakwenziwa yiNhloko yalo uLt General Khumalo nezinye izikhulu zamaphoyisa aboshwe nazo.

Ngesikhathi ephekwe ngemibuzo u-Adv Johnson uzivumele ukuthi wayengaziqondi iziqu zikaMokwele futhi uyaxolisa ngalokho.

Lokhu kwenze uKhomishana uKhumalo wabuza ukuthi kungani aze wakufungela ukuthi uMokwele akakulungele ukuba kulesi sikhundla ngenxa yeziqu zakhe uma ayengaziqondi.

NgokukaKhomishana uKhumalo, iziqu zikaMokwele ziveza isithombe esikhlukile kakhulu kwiMadlanga Commission kunokushiwo yi-IDAC.

UKhomishana uKhumalo uveze ukuthi kuyamangaza ngoba kubona njengekhomishana bebezicabangela ukuthi iCrime Intellince yaqasha umuntu obesebenza ukwamukela abantu abeza kwaBMW njengoba kwakushiwo njalo ngoMokwele ekubeni efunde ngalolu hlobo.

U-Adv Johnson ugcine esesichitha isitatimende sakhe asenza ngoMokwele ukuthi akakulungele ukungena kulo msebenzi.

Kuvele ukuthi u-Adv Johnson akazange asibheke ngisho nesicelo somsebenzi esafakwa uMokwele kodwa wakwazi ukunquma ukuthi akawulungele.

Uthe kulokho wayethembe umbiko owalethwa yithimba lakhe labaphenyi ukuthi akawulungele lo msebenzi uMokwele.

Okunye okuvele kwiKhomishini ukuthi izinto ezishiwo u-Adv Johnson kuyona ziyashayisana nazisho ngesikhathi evele phambi kwesigungu sephalamende i-Adhoc Committee.

Lokhu kuze kwasusa ingxoko nakulona iphalamende njengoba kuvelile ukuthi u-Adv Johnson waqamba amanga evele kulona njengoba izinto eziningi ezivumele kwiKhomishini ukuthi ayekusho kulona akulona iqiniso.

Ezisematheni

Uthenjiswa umsebenzi ofike eMabhida efake ijazi lemfundo

Uthenjiswa umsebenzi ofike eMabhida efake ijazi lemfundo

“AKUBANGA lula ukungena enkundleni ngigqoke iminyezane yami yemfundo noqwembe lokucela umsebenzi ngoba baningi abebesho abakuthandayo, bengedelela, kodwa kangibanakanga ngoba bengizitshelile ukuthi kungenzeka kube khona ozokwazi ukungisiza.” Usho kanje uMnu Sibonelo...

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

KUBE yinjabulo kumalungu ebandla lamaRoma aKhatholika umhlaba wonke, umholi wawo omkhulu uPope Leo XIV ededelwa esibhedlela izolo ngoMgqibelo ngemuva kokuhlinzwa. UPope Leo ubelaliswe esibhedlela i-Agostino Gemelli University Hospital esiseRome, lapho ahlinzwe khona...

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele...