
INKANTOLO yaseMadadeni, enyakatho yeKwaZulu-Natal, igwebe odilikajele abantu abane, abathinteka ekubulaweni kukanjiniyela wakuMasipala i-Alfred Duma, eMnambithi.
UMnu Oscar Hlatshwayo wadutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu ngo-2019, esehlakalweni esixhumene nokukhishwa kwamathenda kamasipala. Okhulumela amaphoyisa kuZwelonkke uBrigadier Athlenda Mathe, uthi uphenyo ngokubulawa kukaHlasthwayo, lwaqalwa wuPhiko olwaluphenya ngokubulawa kosopolitiki, oselwahlakaza.
“Bane abantu abagwetshwe odilikajele, eNkantolo yaseMadadeni. Owokuqala nguNomaswazi Shabalala, wayengunjiniyela naye kulo masipala, esebenza noHlatshwayo. Kutholakale ukuthi nguyena uNomaswazi, owakhipha umyalelo wokuthi uHlatshwayo makabulawe. Owesibili nguMondli Mabaso ongusomabhizinisi obejwayele ukuthola amathenda kulo masipala.
“Owesithathu ogwetshiwe nguMduduzi Nzuza, okunguyena owathola umsocongi, isibhamu nezinhlamvu, okwabulawa ngazo uHlatshwayo. Owesine nguBrown Ngcobo okunguyena owadubula wabulala isisulu, sihamba ngemoto emgwaqeni,” kusho uBrigadier Mathe.
UKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke, uGeneral Fanie Masemola, ukushayele ihlombe ukugwetshwa kwalaba abane, wathi kuzoba yisifundo nakwabanye abacabanga ukwenza izinto ezifana nalezi. Uthe wethemba ukuthi amanxeba omndeni wakwaHlatshwayo, azothobeka.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







