Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uhulumeni waKwaZulu-Natal uyaqhubeka nokuvala umpompi wemali

Uhulumeni waKwaZulu-Natal uyaqhubeka nokuvala umpompi wemali

by | 4 November 2024

BHEKI NDLOVANA

UYAQHUBEKA nemizamo yokuvimba ukuxhashazwa kwemali yabakhokhi bentela uhulumeni waKwaZulu-Natal. UNgqongqoshe weMali esifundazweni uMnu Francois Rodgers uthi “imali yokuganga nokumoshwa ayikho”.

Umnyango kaRodgers uveze ukuthi uhulumeni wobumbano esifundazweni usuthathe isinqumo sokonga u-R3 billion njengoba sitshekile isimo somnotho esifundazweni nasezweni lonke. Ngokusho kwawo umnyango, enye yezindlela ezizosetshenziswa ukunciphisha ukuxhashazwa kwemali wukuthi kwehliswe inani lezisebenzi ezivame ukukhapha osopolitiki uma kunemicimbi ngaphandle kwamahhovisi. Uthi futhi izindlela zokuya phesheya ezingenasidingo zizovalwa.

Okhulumela umnyango, uMnu Nkosikhona Duma uthi: “Imicimbi eyenziwa yiminyango kahulumeni izobhekisiswa kabanzi ngoba iningi imali esetshenziswayo ekuqasheni amahholo namatende, izinto zokunandisa kanye nasekudleni”.

UDuma uthi njengamanje uhulumeni usebenzisa imali eningi kunaleyo ayingenisayo.”Lokhu kungaba nomphumela wokuthi uhulumeni wesifundazwe abe nesikweletu sika R9 billion uma kuphela lo nyaka wezimali. Lesi sikweletu sizobe sandisa kwezinye izikweletu zeminyaka eyedlule,” echaza.

Umnyango uthi uhulumeni wobumbano uhlose ukuziqeda izikweletu, ukhulise imali engenayo kunaleyo ayisebenzisayo. Nakuba uhulumeni uhlela ukunciphisa imali esetshenziswayo kodwa uRodgers uthembisa umphakathi ukuthi izinhlelo zentuthuko zisazoqhubeka.

“Labo abazimisele ngokuqhubeka ngokusebenzisa imali kahulumeni budedengu bazoyikhotha imbenge yomile. Akekho umuntu ozovunyelwa ukuthi enze umathanda,” kusho uDuma.

Ezisematheni

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha. Lokhu bakuveze...

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Ogaqele isikhundla sobukhansela kwaNyuswa ngaphansi kwesiFunda saseThekwini wemukelwe ngenhlokomo ubuholi bendabuko ngesikhathi ezokwethulwa ubuholi emphakathini. UMnuz Siphiwe Bulose ubezokwethulwa ngoLwesihlanu njengefolosi le-ANC kuward 2 emcimbini wezinduna...

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...