Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uhulumeni waKwaZulu-Natal uyaqhubeka nokuvala umpompi wemali

Uhulumeni waKwaZulu-Natal uyaqhubeka nokuvala umpompi wemali

by | 4 November 2024

BHEKI NDLOVANA

UYAQHUBEKA nemizamo yokuvimba ukuxhashazwa kwemali yabakhokhi bentela uhulumeni waKwaZulu-Natal. UNgqongqoshe weMali esifundazweni uMnu Francois Rodgers uthi “imali yokuganga nokumoshwa ayikho”.

Umnyango kaRodgers uveze ukuthi uhulumeni wobumbano esifundazweni usuthathe isinqumo sokonga u-R3 billion njengoba sitshekile isimo somnotho esifundazweni nasezweni lonke. Ngokusho kwawo umnyango, enye yezindlela ezizosetshenziswa ukunciphisha ukuxhashazwa kwemali wukuthi kwehliswe inani lezisebenzi ezivame ukukhapha osopolitiki uma kunemicimbi ngaphandle kwamahhovisi. Uthi futhi izindlela zokuya phesheya ezingenasidingo zizovalwa.

Okhulumela umnyango, uMnu Nkosikhona Duma uthi: “Imicimbi eyenziwa yiminyango kahulumeni izobhekisiswa kabanzi ngoba iningi imali esetshenziswayo ekuqasheni amahholo namatende, izinto zokunandisa kanye nasekudleni”.

UDuma uthi njengamanje uhulumeni usebenzisa imali eningi kunaleyo ayingenisayo.”Lokhu kungaba nomphumela wokuthi uhulumeni wesifundazwe abe nesikweletu sika R9 billion uma kuphela lo nyaka wezimali. Lesi sikweletu sizobe sandisa kwezinye izikweletu zeminyaka eyedlule,” echaza.

Umnyango uthi uhulumeni wobumbano uhlose ukuziqeda izikweletu, ukhulise imali engenayo kunaleyo ayisebenzisayo. Nakuba uhulumeni uhlela ukunciphisa imali esetshenziswayo kodwa uRodgers uthembisa umphakathi ukuthi izinhlelo zentuthuko zisazoqhubeka.

“Labo abazimisele ngokuqhubeka ngokusebenzisa imali kahulumeni budedengu bazoyikhotha imbenge yomile. Akekho umuntu ozovunyelwa ukuthi enze umathanda,” kusho uDuma.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...