Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Bahambe bengakathandi bebusiswa yiNkosi Yamagcokama ngamanoni

Bahambe bengakathandi bebusiswa yiNkosi Yamagcokama ngamanoni

by | 1 December 2024

MTHOBISI SITHOLE
UBASHIYE bengawuvali umlomo abantu ePlayhouse Theatre eThekwini ngoMgqibelo ebusuku umculi kamaskandi uScebi “iNkosi Yamagcokama” Dlamini edidiyela bukhoma zonke izingoma zakhe ezingamanoni. Kulo mcimbi obizwa ngeNkosi Yamagcokama Live Concert, bekade kungokokuqala ngqa ewenza lo mculi. Ngesikhathi sekumenyezelwa ukuthi isikhathi asisekho, bakhombise ukujabha abantu ngenxa yokuthakaselwa obekwenzeka kule theatre ebekade igcwele phama.

Lo mculi uqashe indawo okuyiyona enkulu ukunazo zonke ngaphakathi ePlayhouse emumatha abantu abawu-1 224. Ukuphela kwamathikithi esontweni lokuqala kukaLwezi (November), uthi uNkosi Yamagcokama kumethusile kakhulu ngoba bekade engazitsheli ukuthi uzomukeleka umbono wakhe wokwenza lolu hlobo lomcimbi. Utshele abantu ukuthi ngonyaka ozayo uzowiphinda , usezinhlelweni zokuthola indawo enkulu engamumatha abantu abalinganiselwa ku-5000.

“Ngiyabonga kakhulu namanje indlela engesekwe ngayo. Ngiwenze lomcimbi ngingazethembi ngoba asinalo uhlobo lwawo olukanjena kumaskandi. Njengoba sengiqalile ngawenza futhi kwakhombisa ukuthi bayawuthanda abantu- sengizoqhubeka. Inhloso yami enkulu ngalo mcimbi ngukuthi ngibuyise okwakwenziwa eminyakeni edlule , abaculi babecula bukhoma (Live). Ngiyathemba ukuthi nabantu bazojwayela bayithande lento engiyiqalayo,” kusho iNkosi Yamagcokama.
Ithi umculi oyigqugquzele kakhulu wayinikeza isibindi sokuqala lo mcimbi, uSjava. Iveze ukuthi ukusondelana kwabo babobili, nokumenywa emcimbini yakhe uSjava ayenzayo egcwalisa amaTheare, i-ICC eThekwini- kuyifundise okuningi.
“USjava ungikhuthaze kakhulu ngabukela kuyena okuningi. Ngibone ukuthi angikuqale nami lokhu endimeni kamaskandi ikakhulukazi kulaba esicula nabo kule minyaka esiphila kuyona ngoba asikhulelanga kumakhonsathi okuculwa kuwona bukhoma,” esho.


Kulo mcimbi ifike iphethe namagolide ayo ewazuze ngawo umculo. Phakathi kwabaculi abafikile babingelela, kubalwa uNjoko noNtencane. Omunye wabaculi onandisile, uGatsheni.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...