Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 KUZOCACA NGENYANGA EZAYO NGEKUSASA LIKA-SIYA MHLONGO EMSAKAZWENI

KUZOCACA NGENYANGA EZAYO NGEKUSASA LIKA-SIYA MHLONGO EMSAKAZWENI

by | 12 February 2025

KUZOCACA ngenyanga ezayo ngekusasa lomsakazi woKhozi FM, uSiyabonga “Siya” Mhlongo, njengoba izingxoxo phakathi kwesisulu, abammeli kanye nombuso zisaqhubeka.

Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi uSiya evele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, lapho ebhekene khona necala lokushaya ngehloso yokulimaza owesilisa “oyisinqandamathe sakhe.”

Enkantolo bekulindeleke ukuba kuqhubeke uhlelo lwenkantolo olubizwa nge-Pre-trial Conference, lapho umbuso, abammeli besisulu, isisulu kanye nommangalelwa benikwa ithuba lokuba baxoxisane bazame ukufinyelela esinqumweni esithile esizokwenza icala lingaqulwa, nokuwuhlelo oluthathwa njengolonga izinsiza kanye nesikhathi senkantolo.

Uma singekho isivumelwano izihlangothi zabammeli ziyaye zishintshane ngezitatimende namazibithi abalulekile ecala, zilungiselela ukuthi icala lidlulele esigabeni sokuqulwa.

Umshushisi wecala uNkz Shanenaaz Hoosen utshele iMantshi uMkhipheni Sibiya ukuthi umbuso usaxoxa nesisulu esingakwazi ukuza enkantolo ngenxa yomsebenzi.

“Nkosi yenkantolo uhlelo lwe-Pre-trial Conference sesiluqalile kodwa asikaluphothuli, sisaxoxisana nesisulu. Ukungabikho kwaso lapha esifundazweni yikho okwenza lolu hlelo luthathe isikhathi eside ngoba sixhumana naso ngocingo. Sivumelene nommeli ka-msolwa ukuthi icala liguqele umhlaka 05 wenyanga ezayo,” kusho uHoosen.

Kwenzeka lokhu nje imibiko iveza ukuthi seziqalile izingxoxo zezinkontileka zabasakazi emsakazweni uKhozi FM njengoba kulindeleke ukuba kuqale izinguquko zaminyaka yonke eziba ngoMbasa (April).

ILANGA selibike izikhawu eziningi ngokungacaci kwekusasa lalo msakazi njengoba imithombo yalo engaphakathi kulo msakazo yalihlebela ukuthi iziphathimandla zomsakazo zalimisa ngesihloko elokuthi ukubuyela kuka-Siya emsakazweni kulele esigqumweni saleli cala.

Yaveza ukuthi uma icala liqhubeka nokuqulwa, limlahle uSiya kuyobe kuchaza ukuthi kuphelile phakathi kwakhe nalo msakazo, kanti uma ephume phambili uyobuyiselwa emsebenzini wakhe  njengoba inkontilaki yakhe nomsakazo ingakapheli.

USiya wagcina ukuzwakala emoyeni ngasekupheleni kuka-Ncwaba (August) nonyaka ngemuva kokuba avulelwa icala lokushaya ngehloso yokulimaza isisulu.

Isisulu satshela leli phephandaba ukuthi uSiya wavukwa yisikhwele wasishaya ngebhodlela ebusweni ngenxa yokuthi savaleliswa omunye wabangani babo wesilisa ababenaye endaweni yobumnandi esemgwaqweni weTheku ongaconsi phansi kubathandi bobumnandi, uFlorida.

Saveza ukuthi lo wesilisa wavalelisa kuso wathi “mncwa mncwa,” naso saphendula kanjalo, nokuyinto edina uSiya waphetha ngokusishaya.  

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...