Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Izonekelwa izwe impilo kaThinah Zungu

Izonekelwa izwe impilo kaThinah Zungu

by | 17 December 2024

KUZONEKELWA umphakathi okwenzeka ngaphakathi esitezi somculi we-gospel uThinah Zungu njengoba esezoba nohlelo lomndeni wakhe esiteshini sikamabonakude uMzansi Magic.

UThinah owaziwayo ngokuchoma ngomuzi wakhe oyisitezi ezinkundleni zokuxhumana uzoveza impilo yakhe nomndeni wakhe kulolu hlelo olubizwa ngokuthi Thinah SingoZungu, oluzoqala ukukhonjiswa ngomhla ka-16 Febhuwari 2025.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto ngalolu hlelo uthe yiso lesi siteshi esixhumane naye ngenhloso yokuthi anekele izwe impilo yakhe ngaphandle kokuba wumculi, aveze konke ngaye. Uthe ngenxa yokuthi kuningi abantu abangakwazi ngaye ubone kuyithuba elihle leli lokuba abantu bangagcini ngokumazi njengoThinah ongomculi kuphela, kodwa bazi ngempilo yakhe ngalo komculo.


“Ngaphandle kokuba wumculi ngingumkhwenyana kumkami nobaba ezinganeni zami, kanti muva nje ngisanda kuvula nebandla okusho ukuthi ngiwumfundisi futhi. Zonke lezi zinhlangothi zempilo yami abantu bazokwazi ukuthi bazibone, baphinde babone nakho konke okwenzeka ngaphakathi esitezi,” esho.

UThinah unendodana engenisa mawala emculweni uNdumiso osenezingoma zakhe futhi oseke wabonakala enandisa naye emicimbini eyahlukene. Utshele leli phephandaba ukuthi uzimisele ukuveza okuyiqiniso ngaye ukuze abantu bamazi ngokugcwele. “Ngikulindele ukuthi njengomuntu we-gospel bakhona abazobona ithuba lokugxeka impilo engiyiphilayo kodwa lokhu akusho ukuthi ngizoveza okungamanga ngami,” kusho yena.

UThinah ungomunye wabaculi be-gospel abangaconsi phansi kulolu hlobo lomculo njengoba eseke wahlabana ngenqwaba yezindondo zakuleli nangaphandle.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...