Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Izonekelwa izwe impilo kaThinah Zungu

Izonekelwa izwe impilo kaThinah Zungu

by | 17 December 2024

KUZONEKELWA umphakathi okwenzeka ngaphakathi esitezi somculi we-gospel uThinah Zungu njengoba esezoba nohlelo lomndeni wakhe esiteshini sikamabonakude uMzansi Magic.

UThinah owaziwayo ngokuchoma ngomuzi wakhe oyisitezi ezinkundleni zokuxhumana uzoveza impilo yakhe nomndeni wakhe kulolu hlelo olubizwa ngokuthi Thinah SingoZungu, oluzoqala ukukhonjiswa ngomhla ka-16 Febhuwari 2025.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto ngalolu hlelo uthe yiso lesi siteshi esixhumane naye ngenhloso yokuthi anekele izwe impilo yakhe ngaphandle kokuba wumculi, aveze konke ngaye. Uthe ngenxa yokuthi kuningi abantu abangakwazi ngaye ubone kuyithuba elihle leli lokuba abantu bangagcini ngokumazi njengoThinah ongomculi kuphela, kodwa bazi ngempilo yakhe ngalo komculo.


“Ngaphandle kokuba wumculi ngingumkhwenyana kumkami nobaba ezinganeni zami, kanti muva nje ngisanda kuvula nebandla okusho ukuthi ngiwumfundisi futhi. Zonke lezi zinhlangothi zempilo yami abantu bazokwazi ukuthi bazibone, baphinde babone nakho konke okwenzeka ngaphakathi esitezi,” esho.

UThinah unendodana engenisa mawala emculweni uNdumiso osenezingoma zakhe futhi oseke wabonakala enandisa naye emicimbini eyahlukene. Utshele leli phephandaba ukuthi uzimisele ukuveza okuyiqiniso ngaye ukuze abantu bamazi ngokugcwele. “Ngikulindele ukuthi njengomuntu we-gospel bakhona abazobona ithuba lokugxeka impilo engiyiphilayo kodwa lokhu akusho ukuthi ngizoveza okungamanga ngami,” kusho yena.

UThinah ungomunye wabaculi be-gospel abangaconsi phansi kulolu hlobo lomculo njengoba eseke wahlabana ngenqwaba yezindondo zakuleli nangaphandle.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...