
APHUME ethukuthele eNkantolo yesiFunda eScottburgh, amalungu omphakathi ngokungaqhubeki kwecala lokubulawa kowesifazane wakwaMadlala, ePort Shepstone, okuboshwe uyise wengane yakhe ngokufa kwakhe.
Ukuhlehla kwecala ngenxa yokushintsha abameli osekuqhubeke isikhathi eside, kwenze ama- lungu omphakathi aphelelwa yi- nhlonipho, ahhahhameza nema- ntshi ngesikhathi imemezela ukuthi icala iyalihlehlisa.
Kuhlule sekukhuza nephoyisa leSAPS, elisebenzela enkantolo, nalo kwathi mawaliqede, ethi ku- ngani inkantolo ingavele imdedele ummangalelwa ngoba kayizimisele ngokuqeda ngecala lakhe.
Kuleli cala kuboshwe uMnu Sibonelo Gumede (29) waseManda- we othweswe icala lokudubula, abulale unina wengane yakhe, uNkz Nokuphila Mbhele (29).
UGumede kuthiwa emuva koku- dubula unina wengane yakhe besemqashweni, eMandawe, wazi- dubula naye, kodwa wangashona.
Enkantolo ungene exhuga, eha- mba nangenduku, nasekhanda unomthungo omkhulu njengoba kuthiwa wazidubula ekhanda kodwa wasinda.
Ekhuluma neLANGA unina ka- mufi, uNkz Sthembile Mbhele, uvele wakhihla isililo enkantolo, ekhala ngokuhamba kancane kwecala ngenxa yokuthi akasebenzi, kuyamudla nasephaketheni ukuya ecaleni, esuka ePort Shepstone.
“UPhilo (Nokuphila Gumede) wangishiya nezingane zakhe ezi- ntathu, okumele ngizizamele uku- thi zilale zidlile, ziye nasesikoleni.
“Unengane eneminyaka emibili noSibonelo (umangalelwa), kanti ubevele enezimbili, eneminyaka ewu-11, neneminyaka ewu-8.
“Nguyena obesebenza, futhi ubenza isiqiniseko sokuthi njalo uma ehola, ubeqala ngokuthumela imali yokudla ekhaya ngaphambi kokwenza izinto zakhe.
“Manje akukho senti elinge-nayo, futhi ngihlalelwe wukuza enkantolo ukuze ngibone isiphetho saleli cala,” esho.
Kuvele ukuthi selihlehli- swe kaningi ngenxa yokuthi ummangalelwa ulokhu eshi- ntsha abameli. Kuthiwa ufika athi unommeli amkho- khelayo, kuthi uma esese- nkantolo angafiki, bese ephinda ethi usazofaka isicelo sommeli wenkantolo.
Uma eselithathile ummeli wenkantolo icala, aphinde ashintshe athi usethole owemali. Kulokhu nje kufike athe umkhokhele, okusame-le abukisise icala ngapha- mbi kokuba liqhubeke.
UGumede kuthiwa ubula- le unina wengane yakhe ngonyaka odlule emuva ko- kumzingela inyanga yonke, bexabene. Kuthiwa umufi wayengasahlali nasemqa- shweni ngoba ebalekela ummangalelwa.
Esemtholile, kuthiwa wamvimbezela emqashweni, wamdubula maqede wazi- dubula naye kanti uzosinda.
Umngcwabo kaNkz Mbhele wawuhanjelwe na- nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli. Unina kamufi usephila ngokunikelelwa njengoba amalungu omphakathi abeyomeseka enkantolo, afike ephethe namanabukeni engane nezinto ezincane zokuthi akwazi ukuqhubeka nokondla izingane zendodakazi yakhe.







