Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uthole ugqozi eqokwa koweMetro FM Awards

Uthole ugqozi eqokwa koweMetro FM Awards

by | 8 April 2025

IGABE ngamakhono ahlukene intokazi eqokwe emcimbini weMetro FM Music Awards uNeo Dube odabuka eMlazi oqokwe ngengoma yakhe esihloko sithi Indawenhle.

UNeo uyabuphila ubuciko njengoba eseke wazibonakalisa nasemkhakheni wezamafilimu ngokukhiqiza enye yamafilimu ahlomule ngezindondo emazweni ahlukeni ebizwa ngoWarm.

Le ntokazi itshele leli phephandaba ukuthi nakuba isiyenze izinto eziningi eziphathelene nalo mkhakha kodwa umculo uhlale useduze kwenhliziyo yakhe njengoba ese wazikhipha izingoma phambilini.

“Nakuba ngiqokwe eminxeni weBest New Artist kodwa eqinisweni angimusha njengoba sengike ngazikhipha izingoma kodwa bekukhona ukuzikhupha ngokusemthethweni,” kusho le ntokazi eveze ukuthi umculo wayo uhluzekile njengoba uxoxa indaba futhi baningi abantu obathintayo kusukela kulabo abasebasha nasebekhulile.

Uthe uzizwa ethobekile ngokuqokwa kulo mcimbi ozokwenzeka ezinkundleni zemidlalo zaseMbombela ngomhla ka-3 kuMay 2025.

Uthe ukuqokwa nje kukodwa kulo mcimbi kusho lukhulu njengoba enethemba lokuthi kuzomvulela iminyango yokungena ngokugcwele emculweni.

Uthe ingqinamba asabhekene nayo wukuthi abantu bayawazi usebenzi wakhe kodwa kusenzima ukuthi abantu bazi ukuthi nguyena ocula le ngoma.

“Ngiyabonga ukuba nenkampani engisayine ngaphansi kwayo iSold Out Media eyenza umsebenzi oncomekayo ngokusabalalisa umsebenzi wami,” kusho yena.

Uthe kuyamkhuthaza ukuqokwa kwakhe ukuthi aqhubeke nokukhipha umculo nakuba kungabanga wuhambo oluluya ukufinyelela kuleli zinga.

“Ngiyakholelwa ekutheni ukukhipha umculo kumele kube yinto ozinike isikhathi esanele ukuthi ufinyelele kahle kubantu ngendlela abazoyithokozela,” kusho uNeo oseke wasebenza nasemicimbini eyahlukene yomculo.

UNeo uzichaze njengomuntu okhuthele futhi ongeke avumele noma yini ime phambi kwakhe uma ezimisele ukuphumelela kuyona.

Uqhube ngokuthi nakuba umculo uhamba phambili kodwa akayivalile iminyango yokuqhubeka nokwenza amafilimu noma imidlalo kamabonakude njengoba kungenye yezinto azifundele.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...