Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uthole ugqozi eqokwa koweMetro FM Awards

Uthole ugqozi eqokwa koweMetro FM Awards

by | 8 April 2025

IGABE ngamakhono ahlukene intokazi eqokwe emcimbini weMetro FM Music Awards uNeo Dube odabuka eMlazi oqokwe ngengoma yakhe esihloko sithi Indawenhle.

UNeo uyabuphila ubuciko njengoba eseke wazibonakalisa nasemkhakheni wezamafilimu ngokukhiqiza enye yamafilimu ahlomule ngezindondo emazweni ahlukeni ebizwa ngoWarm.

Le ntokazi itshele leli phephandaba ukuthi nakuba isiyenze izinto eziningi eziphathelene nalo mkhakha kodwa umculo uhlale useduze kwenhliziyo yakhe njengoba ese wazikhipha izingoma phambilini.

“Nakuba ngiqokwe eminxeni weBest New Artist kodwa eqinisweni angimusha njengoba sengike ngazikhipha izingoma kodwa bekukhona ukuzikhupha ngokusemthethweni,” kusho le ntokazi eveze ukuthi umculo wayo uhluzekile njengoba uxoxa indaba futhi baningi abantu obathintayo kusukela kulabo abasebasha nasebekhulile.

Uthe uzizwa ethobekile ngokuqokwa kulo mcimbi ozokwenzeka ezinkundleni zemidlalo zaseMbombela ngomhla ka-3 kuMay 2025.

Uthe ukuqokwa nje kukodwa kulo mcimbi kusho lukhulu njengoba enethemba lokuthi kuzomvulela iminyango yokungena ngokugcwele emculweni.

Uthe ingqinamba asabhekene nayo wukuthi abantu bayawazi usebenzi wakhe kodwa kusenzima ukuthi abantu bazi ukuthi nguyena ocula le ngoma.

“Ngiyabonga ukuba nenkampani engisayine ngaphansi kwayo iSold Out Media eyenza umsebenzi oncomekayo ngokusabalalisa umsebenzi wami,” kusho yena.

Uthe kuyamkhuthaza ukuqokwa kwakhe ukuthi aqhubeke nokukhipha umculo nakuba kungabanga wuhambo oluluya ukufinyelela kuleli zinga.

“Ngiyakholelwa ekutheni ukukhipha umculo kumele kube yinto ozinike isikhathi esanele ukuthi ufinyelele kahle kubantu ngendlela abazoyithokozela,” kusho uNeo oseke wasebenza nasemicimbini eyahlukene yomculo.

UNeo uzichaze njengomuntu okhuthele futhi ongeke avumele noma yini ime phambi kwakhe uma ezimisele ukuphumelela kuyona.

Uqhube ngokuthi nakuba umculo uhamba phambili kodwa akayivalile iminyango yokuqhubeka nokwenza amafilimu noma imidlalo kamabonakude njengoba kungenye yezinto azifundele.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...