Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kwehlukene imibono ngesiphakamiso sezinguquko kumanani kagesi

Kwehlukene imibono ngesiphakamiso sezinguquko kumanani kagesi

by | 20 August 2026


KUHLUKENE imibono ngesimemezelo sikaNgqongqoshe kaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa (osesithombeni) esimayelana nezinguquko zamanani kagesi eNingizimu Afrika.

URamokgopa umemezele izinguquko kwi-Electricity Pricing Policy, ngenhloso yokuzama ukulwa nokubiza kukagesi kuleli. Uthe indlela onyuka ngayo iyathusa, kumele kwenziwe okuthile ukuze nabaswele bakwazi ukuwuthenga.

“Ugesi ojwayele ukunyuka kangaka ngowamazwe asempini, kwazise lusuke lungekho uzinzo. Kuleli uzinzo lukhona, neziphehli zisebenza kahle, kodwa ugesi uyabiza. Ngo-2007 u—1KWh kagesi ubuwu-19c, kodwa manje sewungaphezulu kuka-R3,70c. Lokhu kuyezwela kakhulu kwizakhamizi zakuleli, ikakhulukazi eziswele,” esho.

Uthe ubone kukuhle ukuthi kwenziwe izinguquko ukuze bonke abantu bakwazi ukuthola ugesi, wathi phezu kwalokho, uzokwenyusa isibalo somthamo kagesi wamahhala, otholwa ngabaswele komasipala.

“Ugesi omahhala njengamanje, uwu-50KWh ngenyanga. Uma sesenza izinguquko, sifuna ube wu-200KWh noma ube wu-300KWh. Phezu kwalokho, sizoqinisa nesandla komasipala – esibethwese umsebenzi wokuhlinzeka izakhamizi ngogesi wamahhala – ukuqinisekisa ukuthi bayakwenza lokho, imali yakho kabayisebenziseli izidingo zabo.”

Uthe izakhamizi zizovulelwa ithuba lokuphawula ngezinguquko ngoLwesihlanu. Kuhlukene imibono ezinhlanganweni ezilwela amalungelo abantu nezakhamizi ngalolu daba. I-AfriForum – okuyinhlangano yamalungelo abantu, ikakhulukazi, amaBhunu, ithi lesi sinyathelo sihle kakhulu, kodwa kuzomele uhulumeni uqinisekise ukuthi siyenzeka, kasigcini ngokushicilelwa ephepheni. Ithi sesiside isikhathi kukhalwa ngokubiza kukagesi, kodwa uhulumeni ukushaya
indiva lokho.

Ezinkundleni zokuxhumana, babodwa abebencoma lesi sinyathelo, kodwa abanye besibona njengendlela yokukhankasa, njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya, okulindeleke ukuba lube ngoLwezi (November).

Ezisematheni

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...