Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kwehlukene imibono ngesiphakamiso sezinguquko kumanani kagesi

Kwehlukene imibono ngesiphakamiso sezinguquko kumanani kagesi

by | 20 August 2026


KUHLUKENE imibono ngesimemezelo sikaNgqongqoshe kaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa (osesithombeni) esimayelana nezinguquko zamanani kagesi eNingizimu Afrika.

URamokgopa umemezele izinguquko kwi-Electricity Pricing Policy, ngenhloso yokuzama ukulwa nokubiza kukagesi kuleli. Uthe indlela onyuka ngayo iyathusa, kumele kwenziwe okuthile ukuze nabaswele bakwazi ukuwuthenga.

“Ugesi ojwayele ukunyuka kangaka ngowamazwe asempini, kwazise lusuke lungekho uzinzo. Kuleli uzinzo lukhona, neziphehli zisebenza kahle, kodwa ugesi uyabiza. Ngo-2007 u—1KWh kagesi ubuwu-19c, kodwa manje sewungaphezulu kuka-R3,70c. Lokhu kuyezwela kakhulu kwizakhamizi zakuleli, ikakhulukazi eziswele,” esho.

Uthe ubone kukuhle ukuthi kwenziwe izinguquko ukuze bonke abantu bakwazi ukuthola ugesi, wathi phezu kwalokho, uzokwenyusa isibalo somthamo kagesi wamahhala, otholwa ngabaswele komasipala.

“Ugesi omahhala njengamanje, uwu-50KWh ngenyanga. Uma sesenza izinguquko, sifuna ube wu-200KWh noma ube wu-300KWh. Phezu kwalokho, sizoqinisa nesandla komasipala – esibethwese umsebenzi wokuhlinzeka izakhamizi ngogesi wamahhala – ukuqinisekisa ukuthi bayakwenza lokho, imali yakho kabayisebenziseli izidingo zabo.”

Uthe izakhamizi zizovulelwa ithuba lokuphawula ngezinguquko ngoLwesihlanu. Kuhlukene imibono ezinhlanganweni ezilwela amalungelo abantu nezakhamizi ngalolu daba. I-AfriForum – okuyinhlangano yamalungelo abantu, ikakhulukazi, amaBhunu, ithi lesi sinyathelo sihle kakhulu, kodwa kuzomele uhulumeni uqinisekise ukuthi siyenzeka, kasigcini ngokushicilelwa ephepheni. Ithi sesiside isikhathi kukhalwa ngokubiza kukagesi, kodwa uhulumeni ukushaya
indiva lokho.

Ezinkundleni zokuxhumana, babodwa abebencoma lesi sinyathelo, kodwa abanye besibona njengendlela yokukhankasa, njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya, okulindeleke ukuba lube ngoLwezi (November).

Ezisematheni

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...

I-NPA ihoxisa akaKhumalo noMokwele ngokusemthethweni

I-NPA ihoxisa akaKhumalo noMokwele ngokusemthethweni

UPHIKO lwezokushushisa eNingizimu Afrika iNational Prosecuting Authority (NPA) kulindeleke ukuthi luhoxise ngokusemthethweni amacala abebhekene noLt Gen Dumisani Khumalo noBrigadier Dineo Mokwele nabanye abasolwa nabo. UKhumalo nabanye baboshwa ngoNhlangulana nyakenye...