Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bahlela ukumangalela uhulumeni ngokuphasiswa komthetho wokudliwa komhlaba

Bahlela ukumangalela uhulumeni ngokuphasiswa komthetho wokudliwa komhlaba

by | 24 January 2025

NGUMHOLI weDA uMnu John Steenhuisen.

I-DA yesabisa ngokufaka isimangalo enkantolo ukuphikisana nokusayinwa komthetho iLand Expropriation Act nguMengameli Cyril Ramaphosa izolo ngoLwesine.

Umthethosivivinywa wasayinwa wuMkhandlu weziFundazwe ePhalamende ngoNdasa (March) wonyaka odlule, bese kusele kuRamaphosa ukuwusayina ube wumthetho.

Lo mthetho unika amandla uhulumeni okudla umhlaba, ukuze usize umphakathi, nangaphandle kwesinxephezelo. Ucisha umthetho omdala wokudliwa komhlaba, owaqala ukusebenza ngo-1975.

I-ActionSA nayo ithi inkankanya ukuthatha izinyathelo zomthetho, njengoba ithi lo mthetho uwubufakazi bokuzimisela kwe-ANC ukufuqa imithetho ebuyisela izwe emuva.

Usotswebhu we-ANC ePhalamende, uMnu Mdumiseni Ntuli, uthi kuwukudukisa abantu ukuthi lo mthetho wenzelwe ukuhlasela amaqembu noma abantu bohlanga oluthile.

Uthe lo mthetho uhlose ukubandakanya abantu ababecindezelwa phambilini, nokulungisa ezinye zezinto ezingenabo ubulungiswa ezenzeka ngaphansi kukahulumeni wobandlululo.

“Uhlaka olugunyazwe ukuthatha umhlaba kuzomele lukhombise ukuthi kube nemizamo yokuthola isivumelwano nomnikazi womhlaba, kodwa kwangalunga, ngaphandi kokuba kudliwe lowo mhlaba,” kusho uNtuli.

Ezinye izinhlangano ezisophe ukuya enkantolo ukulwa nalo mthetho yiFreedom Front Plus ne-Afriforum.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...