Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bahlela ukumangalela uhulumeni ngokuphasiswa komthetho wokudliwa komhlaba

Bahlela ukumangalela uhulumeni ngokuphasiswa komthetho wokudliwa komhlaba

by | 24 January 2025

NGUMHOLI weDA uMnu John Steenhuisen.

I-DA yesabisa ngokufaka isimangalo enkantolo ukuphikisana nokusayinwa komthetho iLand Expropriation Act nguMengameli Cyril Ramaphosa izolo ngoLwesine.

Umthethosivivinywa wasayinwa wuMkhandlu weziFundazwe ePhalamende ngoNdasa (March) wonyaka odlule, bese kusele kuRamaphosa ukuwusayina ube wumthetho.

Lo mthetho unika amandla uhulumeni okudla umhlaba, ukuze usize umphakathi, nangaphandle kwesinxephezelo. Ucisha umthetho omdala wokudliwa komhlaba, owaqala ukusebenza ngo-1975.

I-ActionSA nayo ithi inkankanya ukuthatha izinyathelo zomthetho, njengoba ithi lo mthetho uwubufakazi bokuzimisela kwe-ANC ukufuqa imithetho ebuyisela izwe emuva.

Usotswebhu we-ANC ePhalamende, uMnu Mdumiseni Ntuli, uthi kuwukudukisa abantu ukuthi lo mthetho wenzelwe ukuhlasela amaqembu noma abantu bohlanga oluthile.

Uthe lo mthetho uhlose ukubandakanya abantu ababecindezelwa phambilini, nokulungisa ezinye zezinto ezingenabo ubulungiswa ezenzeka ngaphansi kukahulumeni wobandlululo.

“Uhlaka olugunyazwe ukuthatha umhlaba kuzomele lukhombise ukuthi kube nemizamo yokuthola isivumelwano nomnikazi womhlaba, kodwa kwangalunga, ngaphandi kokuba kudliwe lowo mhlaba,” kusho uNtuli.

Ezinye izinhlangano ezisophe ukuya enkantolo ukulwa nalo mthetho yiFreedom Front Plus ne-Afriforum.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...