Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Selusenkantolo olweSilo nabaKhwanazi

Selusenkantolo olweSilo nabaKhwanazi

by | 22 November 2025

Yinkosi uNtokozo Mkhwanazi okuvela ukuthi ithimba layo lixoshiwe eNdlunkulu kaZulu, lithi liyoxolisa.
Isithombe: nguNhlanhla Gumede

BAPHOXEKILE abeSizwe saKwaMkhwanazi, KwaMpukunyoni, eMtubatuba, ‘bexoshwa namaguqa amabili,
abebeyoxolisa ngawo eSilweni uMisuzulu kaZwelithini’ ngoMsombuluko.

Lokhu kuza ngemuva kokuba iSilo siqoke uMnu Qiniso Ncube, ukuba abe yiso laso eDukuduku, okuyindawo yabaKwaMkhwanazi. Lokhu kudale ukuba iSilo sithukwe ngabantu abehlukene ezinkundleni zokuxhumana. ILANGA lizwe ngomthombo walo ozinze ngaphakathi eNdlunkulu kaZulu, ukuthi ithimba labaKhwanazi lixoshiwe ngoMsombuluko, ngesikhathi lithi lizocela inhlambuluko ngokuthukwa kweSilo ezinkundleni zokuxhumana.

Uma ulanda umthombo uthi, iSilo sibuze ukuthi izoba khona kanjani inhlambuluko kunecala (iSilo) esivulelwe lona.

Umthombo uthi: “Ithimba laKwaMkhwanazi, lifike lamiswa, kwathiwa makulindwe igama elizoqhamuka kubameli beSilo, besazisa ukuthi kwenzekani ecaleni ebeliqhubeka eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngoMsombuluko, okuwusuku olufanayo nalolu ebebefike ngalo.

“Bafike namaguqa amabili bezoxolisa, babuyiselwa nawo emuva. Inkinga yabo balwa noNcube ohamba ezibiza ngokuthi uyiNkosi yaseDukuduku. Manje lokhu sekwenze neSilo sathelwa ngamachaphazelo. Ecaleni eliqhubeka enkantolo, abamangalelwa ngokulandelana kwabo, nguNcube, yiSilo, wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu (Cogta), noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli.”


ILANGA liwabonile amaphepha asenkantolo acacisa ukuthi kungenzeka lo mdonsiswano uze ukapakele onyakeni ozayo. Ingwevu yaseNdlunkulu uMntwana uVanana, wasendlini yaKwaMinyamanzi, obekhona,ngesikhathi kufika abaKwaMkhwanazi eNdlunkulu, utshele ILANGA ukuthi amaguqa amabili abafike nawo, abuyiselwe emuva ngoba kusenokukhuluma okulungiswayo, hhayi ngoba kuxatshwana.

“Silungisa isimo. Make nime nani bezindaba ukubhala lolu daba ngoba lugcina luchaphazela wonke umuntu. Kayikho ingxabano, kodwa kulungiswa isimo. INgonyama iyasho ukuthi lo muntu kayizange imbize ngenkosi, kodwa yathi, ‘mfana wami ngigadele le ndawo’. Yena usehamba ezibiza ngenkosi,” kusho
uMntwana uVanana.

Kwenzeka konke lokhu nje, ngesonto eledlule bekunembizo lapho uMnyango wakwaCogta, ufike wacacisa ukuthi indawo okukhulunywa ngayo, ingaphansi kobuholi baKwaMkhwanazi. UNdunankulu weSizwe saKwaMkhwanazi, uMnu Ntuthuko Mkhwanazi, uvumile ukuthi ngoMsombuluko bebesesigodlweni eMashobeni, oPhongolo, beyocela inhlambuluko, bafike bemukelwa ngezandla ezifudumele.

Ukuchithile ukuthi bafike bephethe amaguqa amabili, wathi bebezishayela, bengaphethe lutho. Utshele ILANGA ukuthi okubenze balusukumela phezulu lolu daba, yingenxa yezinhlamba ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, ezithuka iSilo.

Uthi nabantu bebebabuza ukuthi bathule bathini njengesizwe ngokwenzekayo. Uthi ngoMsombuluko bavukele khona esigodlweni, beyoqala izingxoxo zokuba kube nenhlambuluko.

Uthi bafike bathola ukuthi iSilo siphatheke kabi ukuthi sekungaze kuyiswane ezinkantolo ngalolu daba. Uqhuba uthi bathathe isinqumo sokuba babuyele emuva ukuze luzodingidwa eNkantolo yeNkosi eMgezanhliziyo, ukuze baphume nesisombululo sokuya phambili.

Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba ubengekho esigodlweni ngoMsombuluko.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...