
IDA ikhale ngesikhathi esincane esinikezwe amakhansela kaMasipala weTheku ukuba azilungiselele ukudingida isabelomali yalo masipala esilinganisewal ku-R78 Billion.
Leli qembu eliphikisayo kulo masipala lizwakalise ukudumala ngendlela lo mkhandlu osingathe ngayo lolu daba lokudingida lesi sabelo mali njengoba lithi amakhansela anikezwe imizuzu ewu-15 nje ukuba azilungizulungiselele ekubeni kuwudaba olumqoka oluthinta ingqo impilo zabantu.
UMnu Thabani Mthethwa ohola leli qembu kulo masipala uthe bayazichitha iziphakamiso ezenziwe yinhlanganisela yamaqembu i-ANC, IFP ne-EFF zokuthi kuphasiswe ukunyuswa kukagesi, amanzi, ukuqoqwa kwemfucuza nokuthuthwa kwendle ngamaphesenti azothwalisa kanzima umphakathi walo masipala.
La maqembu aphakamise ukuthi ugesi unyuswe ngo-12,72%, amanzi anyuswe ngo-15%, ukuqoqwa kwemfucuza kunyuswe ngo-9.9% nokuthuthwa kwendlu kunyuke ngo-13%. UMthethwa indlela lolu daba lwalesi sabelomali esisingathwe ngayo yilo mkhandlu kukhombise ukubukela phansi amakhansela nabahlali abangaphansi kwalo masipala.
Uthe ngeke bavumelane nokunyuswa kwalezi zidingo ngenxa yokuthi kuzokhubaza umphakathi ovele uthwele kanzima ngenxa yesimo somnotho ezweni.
UMnu Zwakele Mncwango ohola i-ActionSA kulo masipala naye uthe ngeke bahambisane nalesi sabelomali njengoba sihlukumeza umphakathi.
UMncwango uthe nakuba ekuqonda ukuthi isimo siyaphoqa ukuthi lo masipala unyuse lezi zidingo kodwa ukhala ngendlela onyuse ngayo njengoba eveze ukuthi kunyuke ngokweqile.
Uthe lo masipala bekungamele ufune ukwenza inzuzo ngezidingo ezifana namanzi nogesi njengoba kuyizidingo ezimqoka emphakathini.
Uthe bekumele ukunyuka kwalezi zidingo zihambisane nezinkampani Umgeni Water no-Eskom ukuze abantu bangazithole sebengasakwazi ukuphilla.
ukuthi uMasipala weTheku uqale wenze iziphakamiso nezinhlaka zomphakathi ngaphambi kokuthi ziphasiswe ngokuthi zibe semthethweni ziqale uma kuqala unyakamali omusha.