Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Zisaqhubeka nokushaya into ecokeme iziboshwa zaseWestville

Zisaqhubeka nokushaya into ecokeme iziboshwa zaseWestville

by | 20 January 2026

IZIBOSHWA ezibhale uGrade 12, ngonyaka odlule (2025) ziphase ngo 94,4% kuzwelonke. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uDkt Pieter Groenewald, eCape Town, ngoLwesibili ngesikhathi ehalalisela eziphase kahle. Amajele aKwaZulu-Natal, iziboshwa zakhona yizona eziqengqeleze phambili, zaphasa zedlula zonke izifundazwe.
Isikhungo i-Usethubeni Youth Centre esisejele laseWestville, eThekwini, iziboshwa ezibhale khona ziphase zonke (100%). Lokhu sekungunyaka we-10 ilandelana, i-Usethubeni ishaya into ecokeme. Bebewu 31, ababhale e-Usethubeni Youth Centre, futhi baphasa bonke.

Ngesikhathi kuhalaliselwa iziboshwa ezenze kahle, eCape Town, uNgqongqoshe uGroenewald, usibalulile isikhungo esisejele iWestville.
Esinye isikhungo iziboshwa eziphase zonke kuso, yi-Johannesburg Female Correctional Centre. UNgqongqoshe, uthe selokhu lwaqalwa uhlelo lokukhuthaza ukufunda emajele, luthela izithelo ezinhle nezibonakalayo.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...