Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Zisaqhubeka nokushaya into ecokeme iziboshwa zaseWestville

Zisaqhubeka nokushaya into ecokeme iziboshwa zaseWestville

by | 20 January 2026

IZIBOSHWA ezibhale uGrade 12, ngonyaka odlule (2025) ziphase ngo 94,4% kuzwelonke. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uDkt Pieter Groenewald, eCape Town, ngoLwesibili ngesikhathi ehalalisela eziphase kahle. Amajele aKwaZulu-Natal, iziboshwa zakhona yizona eziqengqeleze phambili, zaphasa zedlula zonke izifundazwe.
Isikhungo i-Usethubeni Youth Centre esisejele laseWestville, eThekwini, iziboshwa ezibhale khona ziphase zonke (100%). Lokhu sekungunyaka we-10 ilandelana, i-Usethubeni ishaya into ecokeme. Bebewu 31, ababhale e-Usethubeni Youth Centre, futhi baphasa bonke.

Ngesikhathi kuhalaliselwa iziboshwa ezenze kahle, eCape Town, uNgqongqoshe uGroenewald, usibalulile isikhungo esisejele iWestville.
Esinye isikhungo iziboshwa eziphase zonke kuso, yi-Johannesburg Female Correctional Centre. UNgqongqoshe, uthe selokhu lwaqalwa uhlelo lokukhuthaza ukufunda emajele, luthela izithelo ezinhle nezibonakalayo.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...