Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bakhala ngokuvalelwa ngaphandle wuhulumeni abantu abaphila nokukhubazeka

Bakhala ngokuvalelwa ngaphandle wuhulumeni abantu abaphila nokukhubazeka

by | 3 December 2024

PHUMLANI GAMA 

BABIKELE uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, izingqinamba abahlangabezana nazo nsuku zonke uma bedinga izinsiza eziqondene nabo abantu abaphila nokukhubazeka baseRichmond namaphethelo.

UNtuli ehambisana noSomlomo wesiShayamthethwa saKwaZulu-Natal, uNkk Nontembeko Boyce, noNgqongqoshe wezeNhlalakahle esifundazweni, uNkk Nonhlanhla Shinga, bebeyingxenye yomcimbi wokugoqwa kwenyanga yokubungazwa kwabantu abaphila nokukhubazeka ngoLwesibili, eRichmond Indoor Sports Center.

UMnu V Dlamini, ongusihlalo womkhandlu obhekelele abantu abaphila nokukhubazeka, uthe sekuyisikhathi eside bengena bephuma abaholi kwikhabhinethi yesifundazwe, kodwa akekho noyedwa umholi osondele kubantu abaphila nokukhubazeka. 

Uthe bayakudinga ukulalelwa futhi bayadinga ukwazi nangezinhlelo ezikhona maqondana nokwabiwa nemali eqondene nabo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...